Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe wezempilo uthi ukufuna kwamadoda usizo kakusho ukuthi ‘antekenteke’

Ungqongqoshe wezempilo uthi ukufuna kwamadoda usizo kakusho ukuthi ‘antekenteke’

by | 10 June 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane ugqugquzela amadoda ukuba asondele ezikhungweni zezempilo njengoba kuyinyanga yawo, ukugwema izifo, azi isimo sempilo futhi acele usizo lapho egula. Uthi kule nyanga kuya phambili bazoqinisekisa ukuthi basondeza amadoda ezikhungweni zezempilo.


“SiwuMnyango wezeMpilo sigqugquzela amadoda ukuba ashintshe ukwenza, azi ukuthi ukufuna usizo kakusho ukuthi ntekenteke. Siyawanxenxa ukuba asondele emitholampilo yethu nasezibhedlela. Kubalulekile ukuthi ahlolwe, azazi ukuthi ami kuphi ngokwesimo sezempilo,” esho.


“Kuyinto eyaziwayo ukuthi amadoda kawathandi ukuya ezikhungweni zezempilo, abesifazane bayeza ngisho namantombazane asemancane akhulacazi ukuthi kuyinto eyejwayelekile ukufuna usizo. Kodwa uma kuza emadodeni ngisho abafana uyabona ukuthi kungani bengezi ezikhungweni zezempilo, nokwenza kubenzima ukubhekana nokugula okubahlaselayo,” kuqhuba uNkz Simelane

Uthi inkani yamadoda inomthelela ongemuhle, iningi lawo ligcina libulawa wukugula obekungelapheka uma bekulashwe kusenesikhathi. Uthi kuyinto eyejwayelekile ukuthi amadoda aphathwe yikhanda elikhenkethayo ngenxa yomfutho wegazi ophezulu (high blood presssure) kepha angayi kofuna usizo kugcine sekuholele ekutheni ashaywe yisifo sohlangothi (stroke). Ukubhekelela konke lokhu uthi umnyango wakhe usuvule imitholampilo ewu 129 ukusiza amadoda kulesi sifundazwe.


“Lokhu kuyinyathelo esihle ikakhulu mawubheka ukuthi eminyakeni emibili eyedlule besingenawo ngisho owodwa. Le mitholampilo kayibhekeleli izinkinga zasekamelweni kuphela, kepha yonke into esingabala kukho iBP, isifo sikashukela, izigulo zengqondo, iHIV, iTB, ukuhlolelwa umdlavuza nokunye okuningi. Inhloso yoMnyango wezeMpilo kule nyanga yamadoda wukuqwashisa nokushintsha indlela amadoda acabanga ngayo nemikhuba yawo,” esho.

“Sifuna amadoda azi ukuthi kalikho ihlazo lokuya emtholampilo, sifuna ukusiza ngaphambi kokuba izinto ziphume esandleni. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngale nyanga siwagqugquzele amadoda ukuba asondele ukuze siwasize,” kuchaza ungqongqoshe.

tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...