
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane ugqugquzela amadoda ukuba asondele ezikhungweni zezempilo njengoba kuyinyanga yawo, ukugwema izifo, azi isimo sempilo futhi acele usizo lapho egula. Uthi kule nyanga kuya phambili bazoqinisekisa ukuthi basondeza amadoda ezikhungweni zezempilo.
“SiwuMnyango wezeMpilo sigqugquzela amadoda ukuba ashintshe ukwenza, azi ukuthi ukufuna usizo kakusho ukuthi ntekenteke. Siyawanxenxa ukuba asondele emitholampilo yethu nasezibhedlela. Kubalulekile ukuthi ahlolwe, azazi ukuthi ami kuphi ngokwesimo sezempilo,” esho.
“Kuyinto eyaziwayo ukuthi amadoda kawathandi ukuya ezikhungweni zezempilo, abesifazane bayeza ngisho namantombazane asemancane akhulacazi ukuthi kuyinto eyejwayelekile ukufuna usizo. Kodwa uma kuza emadodeni ngisho abafana uyabona ukuthi kungani bengezi ezikhungweni zezempilo, nokwenza kubenzima ukubhekana nokugula okubahlaselayo,” kuqhuba uNkz Simelane
Uthi inkani yamadoda inomthelela ongemuhle, iningi lawo ligcina libulawa wukugula obekungelapheka uma bekulashwe kusenesikhathi. Uthi kuyinto eyejwayelekile ukuthi amadoda aphathwe yikhanda elikhenkethayo ngenxa yomfutho wegazi ophezulu (high blood presssure) kepha angayi kofuna usizo kugcine sekuholele ekutheni ashaywe yisifo sohlangothi (stroke). Ukubhekelela konke lokhu uthi umnyango wakhe usuvule imitholampilo ewu 129 ukusiza amadoda kulesi sifundazwe.
“Lokhu kuyinyathelo esihle ikakhulu mawubheka ukuthi eminyakeni emibili eyedlule besingenawo ngisho owodwa. Le mitholampilo kayibhekeleli izinkinga zasekamelweni kuphela, kepha yonke into esingabala kukho iBP, isifo sikashukela, izigulo zengqondo, iHIV, iTB, ukuhlolelwa umdlavuza nokunye okuningi. Inhloso yoMnyango wezeMpilo kule nyanga yamadoda wukuqwashisa nokushintsha indlela amadoda acabanga ngayo nemikhuba yawo,” esho.
“Sifuna amadoda azi ukuthi kalikho ihlazo lokuya emtholampilo, sifuna ukusiza ngaphambi kokuba izinto ziphume esandleni. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngale nyanga siwagqugquzele amadoda ukuba asondele ukuze siwasize,” kuchaza ungqongqoshe.
tzondi@ilanganews.co.za







