Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sinyukile esabashone ezingozini ngesikhathi samaholidi

Sinyukile esabashone ezingozini ngesikhathi samaholidi

by | 20 January 2025

xr:d:DAE6x3pwjgo:3652,j:46012587767,t:23042715

SINYUKILE isibalo sabantu abashone ezingozini zezimoto ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThutha ezweni lonke uNkk Babara Creecy ngesikhathi ethula izibalo zezingozi zezikhathi zamaholi ePretoria ngoMsombuluko.

UNkk Creecy uveze ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka kushone abantu abawu-1502 okusho ukunyuka ngamaphesenti awu-5.3 uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule.

Ungqongqoshe uthe izifundazwe okubalwa kuzo Eastern Cape, KwaZulu Natal neFree State izona ezibe nezibalo eziphezulu zabantu abashone ngezingozi zezimoto.

Uveze ukuthi Eastern Cape kusho abawu-70, kwathi iKZN babawu-54, Free State babawu-21 ngalesi sikhathi sonyaka.

UNgqongqoshe uthe kuyakhathaza ukuthi iningi lezi zingozi ezenzekalayo zenzeka ngokwephutha labashayeli.

Uthe u-87% wezingozi ezenzekile ngalesi sikhathi sonyaka zidalwe wukuba budedengu babashayeli bezimoto.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...