Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sinyukile esabashone ezingozini ngesikhathi samaholidi

Sinyukile esabashone ezingozini ngesikhathi samaholidi

by | 20 January 2025

xr:d:DAE6x3pwjgo:3652,j:46012587767,t:23042715

SINYUKILE isibalo sabantu abashone ezingozini zezimoto ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThutha ezweni lonke uNkk Babara Creecy ngesikhathi ethula izibalo zezingozi zezikhathi zamaholi ePretoria ngoMsombuluko.

UNkk Creecy uveze ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka kushone abantu abawu-1502 okusho ukunyuka ngamaphesenti awu-5.3 uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule.

Ungqongqoshe uthe izifundazwe okubalwa kuzo Eastern Cape, KwaZulu Natal neFree State izona ezibe nezibalo eziphezulu zabantu abashone ngezingozi zezimoto.

Uveze ukuthi Eastern Cape kusho abawu-70, kwathi iKZN babawu-54, Free State babawu-21 ngalesi sikhathi sonyaka.

UNgqongqoshe uthe kuyakhathaza ukuthi iningi lezi zingozi ezenzekalayo zenzeka ngokwephutha labashayeli.

Uthe u-87% wezingozi ezenzekile ngalesi sikhathi sonyaka zidalwe wukuba budedengu babashayeli bezimoto.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...