Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Unika izinduku zabesilisa imisoco ukuze zisebenze

Unika izinduku zabesilisa imisoco ukuze zisebenze

by | 10 April 2025

BAZOHLEKA bodwa abesilisa abanezinkinga zokungasebenzi kahle kwenduku njengoba udokotela wesifazane evule isikhungo sokwelapha ngobuchwepheshe besimanje, esizoba yisixazululo kwabanale nkinga.

UDkt Bongiwe Nungu (40), odabuka eNtshanga, KwaZulu-Natal, uvule isikhungo i-Uminathi Medical Aesthetic and Cosmetic Surgery eMgungundlovu.

UDkt Nungu akayena umafikizolo kwezokwelapha abesilisa njengoba phambilini ubesiza kakhulu abanenkinga yokuhanjelwa yizinwele ekhanda, eyaziwa ngokuthi yimpandla, aphinde ashise amafutha anenkani emizimbeni yabesilisa nabesifazane, abuyisela esimeni esihle izitho zabesifazane, ukubala nje okumbalwa akwenzayo. Uvale lesi sikhungo ngoNhlo-
lanja (February) ngo-2022.

UCHAZA KABANZI NGEZIQU ZAKHE EZIGXILE EKWELAPHENI INDUKU YOWESILISA

UDkt Nungu utshele ILANGA ukuthi ngoNdasa (March) 2022, wenza iziqu ze-Andrology eDubai,e-United Arab Emirates (UAE). Uthi kulezi ziqu kufundwa ngokujulile ngenduku yomuntu wesilisa, ukuthi yini eyenza ibuye ingabe isasebenza kahle, bese befundiswa ukuyilapha ngobuchwepheshe besimanje.

Lezi ziqu uziphothule ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule, wabe esevula kabusha isikhungo sakhe njengoba sesizinze eThe Madison, eMhlanga, eThekwini.

Uthi kulokhu uzogxila kakhulu ekwelapheni izinduku zabesilisa ngenxa yokuthi iningi Labantu besilisa kalifuni ukuphumela obala ngezinkinga ababhekana nazo ngezinduku zabo.

“Nginqume ukwenza iziqu ze-Andrology, eDubai ngoba inhloso yami wukubhekana ngqo nokwelapha izinduku zabesilisa ngobuchwepheshe besimanje ngoba ziningi izinkinga ezibhekana nabesilisa ngezinduku zabo.

“Uthola ukuthi omunye induku kayisami iqine ngqi, iyathamba, iphelelwe ngamandla. Kukhona nalabo abanenkinga yokushesha ukufika kuvuthondaba, kube nabanenkinga yokuvuvukala kwamankwahla, abanye imizwa kayisasebenzi kahle, abanye kababatholi abantwana, bese kuzoba nalabo abanesidoda esingashubile,” kuchaza uDkt Nungu.

IMBANGELA YALEZI ZINKINGA NOKUTHI ZINGANQANDWA KANJANI

Ngokocwaningo, zonke lezi zinkinga esikhathini esiningi zidalwa wutshwala nogwayi, kwabanye kube wukhwantalala. Kwabanye uthola ukuthi yinkinga nje umuntu adalwe nayo.

“Konke lokhu sikwelapha ngokweqophelo eliphezulu kwi-Andrology, njengoba sisebenzisa imishini enobuchwepheshe besimanje. Okuhle wukuthi kayinabungozi, lwenziwe ucwaningo ngayo,” esho.

Uthi iyinselelo enkulu le nto yokungasebenzi kahle kwenduku kwabesilisa, yingakho enqume ukuyokwenza lezi zifundo ukuze ezobelapha. Uthe, nazo izimbiza ezikhonzwe ukusetshenziswa ngabesilisa isikhathi esiningi, ziyaba nomthelela ekutheni induku igcine isinenkinga, ikakhulukazi uma usuyisebenzise isikhathi eside.

“Induku yowesilisa idinga yonke imisoco emqoka ukuze isebenze kahle. Le misoco kayikho kulezi zimbiza, yingakho uthola ukuthi umuntu uyisebenzisa isikhathi eside, igcine ingasamsebenzeli.

“Nezikhuthazi ziyayilimaza induku, uthole ukuthi umuntu akasakwazi ukuya enkonzweni yasekamelweni engazisebenzisile.

“Ngizozelapha zonke lezi zinkinga, nginike izinduku zabesilisa imisoco efanele ukuze zisebenze kahle ngaso sonke isikhathi, akukhathalekile ukuthi bangakanani ngokweminyaka yobudala,”kusho uDkt Nungu.

Uthi yize esezogxila kakhulu kwabesilisa, kodwa ngeke ayeke ukubelapha nabesifazane.

UDkt Nungu uneziqu zeBachelor of Medicine neBachelor of Surgery azenze e-University of KwaZulu-Natal, yiMasters in Facial Aesthetics, yiMasters kwiHair Transplant and Restorations Management, yiMasters in Non-Invasive Cosmetic Gynecology, yiDiploma in Aesthetic Medicine neDiploma in Andriology and Fundamentals of IUI. Zonke uzenze eDubai.

Uyilungu le-American Academy of Aesthetic Medicine.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...