Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uqhakambisa ubuhle kwabesifazane ocula eyeQanda Le Grootman

Uqhakambisa ubuhle kwabesifazane ocula eyeQanda Le Grootman

by | 12 July 2026

SIWUFAKAZI kumculi onedumela ezinkundleni zokuxhumana uLinda Mkhiza odume ngelikaMastende isisho esithi ingwe idla ngamabala.

Lo mculi usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukusabalalisa nokumaketha umculo njengoba eveze ukuthi izona anazo njengoba engakabi nawo amandla okuqopha ama-music video nokusabalalisa umculo wakhe kubantu.

UMastende owaphithizelisa izinkundla zokuxhumana ngengoma yakhe yokuqala esihloko sithi Upete ngo-2023 kusukela lapho akakaze abheke emuva njengoba le ngoma yamvulela amathuba okuthi abonakale futhi aziwe ukuthi ukhona kulo mkhakha.

Lo mculi usanda kukhipha enye ingoma esihloko sithi Iqanda le Grootman nayo ebukeka isiphenduke intandokazi kubalandeli bezinkundla zokuxhumana.

Le ngoma ibubeka ithandwa kakhulu ngabesimame asebeziteketisa ngakho ukuba ngamaqanda “kuma-grootman”.

Echaza ngale ngoma uMastende uthi ngesikhathi eqopha le ngoma wabe ehlose ukuncoma osisi abahle sengathi baphathiswe okwamaqanda.

“Kuyangijabulisa ukuthi abantu bayamukelile le ngoma ikakhulukazi bona abesifazane ebengiybhekise kubona. Izinkundla zokuxhumana zidlala indima emqoka empilweni yami ngoba yizona enginazo futhi engikwazi ukuzisebenzisa ukumaketha nokungenisa umculo wami kubantu,” kusho lo mculi ocula umculo we-gqom.

Uthe nakuba elucula olunye uhlobo lomculo kodwa i-gqom yilona elihamba phambili kuyena futhi ngokwakhe lolu hlobo lomculo aluyindawo njengoba lusazohlala futhi lube nedumela kubantu.

“Njengoba sisekhona sibasha kwi-gqom kusho khona ukuthi aliyindawo futhi sisazobajabulisa abantu ngalo,” kusho uMastende. Uthe umatasa ulungiselela ukukhipha i-EP yakhe ungakapheli lo nyaka.

“Ngaphandle kwe-Qanda Le Grootman ikhona enye ingoma engizozwakala kuyona kaPriddy DJ ongu-producer wami ezophuma ngomhla ka-17 kule nyanga,” kusho ulo mculi ozalwa nguyise naye oyiciko eselizakhele igama kulo mkhakha uThukie Lano.

UThukie uyaziwa ngokucula nokudansa noTzozo ezingomeni ezahlukene.

UMastende uthe uyambonga uyise ngokumeseka kulo mkhakha futhi kuningi akufundayo kuyena njengoba ehlale emcathulisa kulo mkhakha.

Uthe nakuba efuna ukuzakhela elakhe igama emculweni kodwa uyakuthokozela ukuba nobaba oseke wayihamba le ndlela ukuze angaqhuzuki ezindaweni aqhuzuke kuzona uyise.

Utshele leli phephandaba ukuthi nakuba eqhakambisa izinkundla zokuxhumana kodwa umculo wakhe usuke wadlalwa nasemisakazweni eyahlukene futhi nayo le asanda kuyikhipha isiqalile ukuzwakala kuyona.

Uphethe ngokutshela ILANGA LeMpelasonto ukuthi le ngoma nezinye zakhe okubalwa kuzo Upete, Ibhomu neGqom Lompetha ziyatholakala kuzona zonke izinkundla zokuthengiswa komculo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...