Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uzobonakala kowe-SABC 1 owodumo lweshashalazi nemidlalo yoKhozi FM

Uzobonakala kowe-SABC 1 owodumo lweshashalazi nemidlalo yoKhozi FM

by | 22 August 2025

UTHOLE indawo emdlalweni Amalanga Awafani umlingisi osezakhele igama ngokuba namakhono ahlukene kwezobuciko uZamaswazi Mokoena oseke wabonakala eliveza esiteji nakumabonakude waphinde wazwakala nasemsakazweni.

USwazy M okuyigama aziwa ngalo mkhakha uzoqala ukubonakala namhlanje ngoLwesihlanu kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku esiteshini sikamabonakude esingaphansi kwenhlangano yezokusakaza kuleli iSABC 1 lapho ezodlala khona indawo ka-Dkt Zikode.

Useke wabonakala elingisa emidlalweni okubalwa kuyo iMuvhango, Imbewu, Uzalo neDurban Gen kanti kuyimanje uzwakala emisakazweni Ukhozi emdlalweni womoya obizwa ngokuthi Isinqumo lapho edlala khona indawo kaFatima.

Ekhuluma neLANGA ngokuthola le ndawo uzwakalise okukhulu ukujabula njengoba eveze ukuthi uyaqala ukulingisa indawo yalolu hlobo selokhu aqala ukulingisa.

“Ukudlala udokotela akuyona indawo okulula ukuyilingisa njengoba idinga kube kuningi okuqondayo ngomkhakha wezempilo. Kusukela ngendlela amagama akhona abizwa ngayo nangamatemu awo lo mkhakha. Kumqoka ukuthi uma uyilungisa ukwenze ucwaningo njengoba nami ngiphoqelekile ukuthi ngilwenze ukuze ngikwazi ukukhipha into abantu abazoyithokozela ukuyibona kwi-TV,” kusho uSwazy ongene kulo mkhakha ngokuba ingxenye yomdlalo weshashalazi wakuleli ozinze phesheya iThe Lion King.

Uthe nakuba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude kodwa ishashalazi iyohlale njalo lisenhliziyweni yakhe kwazise yilapho ethuthuke khona wafunda okuningi ngalo mkhakha.

Uchithe iminyaka engaphezulu kwemihlanu ephesheya kwezilwandle lapho ebelingisa khona koweshashalazi.

Uthe ukulingisa emidlalweni yomoya oKhozini kwakuvele kuyiphupho lakhe kusukela ekukhuleni kwakhe.

“Ngazitshela ngisakhula ukuthi akumele ngize ngidlule emhlabeni ngingalingisanga kule midlalo. Ngenhlanhla kwenzeka kanti kuyangijabulisa ukuthi ngikwazile ukuyifeza leyo ngxenye yephupho lami,” kuchaza uSwazy ekuveza ukuthi uyakuthokozela ukulingisa ngephimbo lakhge kule midlalo.

“Engikuthandayo ngokulingisa emsakazweni wukuthi konke ukulungisa kwakhe kusephinjeni lakho nokuyinto engiyithokozelayo ukudlala ngalo. Iphimbo liyikho konke uma ulingisa emsakazweni ngakho nakuthi kuyingxenye yokuba kulo mkhakha ngendlela ehlukile,” kusho le ntokazi engazibekile phansi ngokuzithuthukisa empilweni.

Kuyimanje uSwazy umatasa wenza izifundo zokuba nguDJ oklwebha amapuleti.

Uthe ukuba uDJ ngenye yezinto ayikhonzile wukuthi ubesazinika isikhathi ngaphambi kokuthi aqale afeze leyo ngxenye yezifiso zakhe.

Utshele ILANGA ukuthi ufisa ukuba nguDJ ohlukile kunabanye njengoba ezimisele ukudlala izingoma ze-gospel kakhulu ezindaweni zobumnandi azobe emenywe kuzona.

“Izingoma ze-gospel yizona engizobe ngisabalalisa ngazo amandla kaNkulunkulu noma ngabe ngimenywe ezindaweni zobumnandi ngizobe ngibadlalela zona izingoma zokudumisa,” kusho uSwazy oveze ukuthi ngeke azishintshe igama uma esengene ngokugcwele ekubeni uDJ.

Kulezi zinsuku uSwazy undizela kwelenyoni njengoba esanda kuthola isitifiketi sokuqeqesha abantu ukuzivocavoca.

Uthe lesi sitifiketi sisho lukhulu kuyena njengoba esezokwazi ukuqeqesha abantu obese kunesikhathi bemncenga ukuba abaqeqeshe.

“Abantu abangaziyo bayazi ngiyazifela ngokujima ngakho bengihlale ngithola izicelo zokuthi ngijimise abantu kodwa ngilokhu ngibachitha. Kodwa okuhle manje wukuthi ngeke ngisabachitha ngoba sengingakwazi ukubajimisa ngokusemthethweni,” esho.

Uthe bekumqoka ukuthi aqale athole iziqu ezifanele ngaphambi kokuthi ajimise abantu ukuze akwazi ukuqonda izinto ezifanele ezihambisana nokujimisa abantu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...