Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UFloda Grae nesigqi esihlukile emculweni

UFloda Grae nesigqi esihlukile emculweni

by | 16 November 2025

KUMVULELE iminyango emazweni ahlukene ukusayina nenkampani yaseNigeria ephethe izihlabani, uFloda Grae osanda kukhipha i-EP equkethe izingoma ezihlanu ezinezigqi ezahlukene emculweni.

UFloda Grae lakhe langempela uNqobile Mthimkhulu ukhiphe le EP ngoLwesihlanu kanti kuyona kunengoma ayenze nentandokazi kamaskandi uMzukulu esihloko sithi Pressure azimisele ukuthi iqhubeke nokumbeka kwibalazwe lomhlaba.

Ekhuluma neLANGA uveze ukuthi inhloso yokusayina nale nkampani ebizwa ngokuthi Lift Entertainment ephethe uWizkid noTiwa Savage okuyizihlabani zaseNigeria ezidume umhlaba wonke, isiyabonakala njengoba naye umculo wakhe usuqalile ukungenisa kwamanye amazwe.

“Vele inhloso yami yokuthi ngivume ukusayina nale nkampani kwakuyikhona ukuthi umculo wami ungagcini nje uzwakala eNingizimu Afrika kodwa usabalale umhlaba wonke,” kusho uFloda Grae.

Uthe ngemuva kweminyaka emine ekule nkampani le EP esihloko sithi A Grae Season, ingeyokuqala eyikhipha ngaphansi kwayo.

“Kule minyaka emine bengisakhiphe izingoma nje kuphela njengoba ngaqala ngethi Iyona Le nenye ethi Sarafina kanti bese kuphele isikhathi esingangonyaka ngingakhiphi lutho nokuyisona sizathi esenze ngakhipha i-EP,” kusho lo mculo oke waba ngaphansi kwenkampani i-Afrotainment.

Utshele leli phephandaba ukuthi uyayibonga le nkampani ngokumethula kubantu.

“I-Afrotainment nakuba ngangingenayo inkontileka nabo kodwa ngakwazi ukuthi ngikhiphe izingoma ngaphansi kwabo futhi lezo zingoma zenza kahle kakhulu, ngiyohlale ngibabonga,” kusho uFloda Grae ekucacisa ukuthi akaxabananga namuntu nale nkampani kodwa wabona sekuyisikhathi sokuthi asabalale azikhulise emculweni.

Uncome iLift Entertainment ngokungagcini ukuphatha umsebenzi wakhe womculo kodwa iphinde imthuthukise imcathulise nangohlangothi lwebhizinisi emculweni.

UFloda uyaziwa ngamanoni okubalwa kuwo eyaba nedumela i-Decapitate Me, Matters of The Heart, What You Do, Ran Away, Bad Thing nezinye. Uchaze umculo wakhe njengobaqhakambisa uthando nobumbano.

Phakathi kwamazwe aseke wanandisa kuwona kubalwa eNigeria, United Kingdom, St Lucia, The Caribbean namanye. Uchaze le EP njengesenhliziyweni yakhe njengoba ichaza ubuyena nendlela aseqalile ukuyithatha empilweni.

“Ngifisa abantu balwamukele nohambo lwami emculweni futhi baweseke nomculo wami njengoba kuyiwona okumele ugqame kunempilo yami yangasese,” kusho le ntokazi edabukwa KwaMashu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...