Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Sekumi ngomumo ngowoGu Jazz Festival

Sekumi ngomumo ngowoGu Jazz Festival

by | 26 June 2025

KONKE sekumi ngomumo ngokwethulwa komcimbi obhekwe ngabomvu Ugu Jazz Festival ozoba ngoMgqibelo eSport and Leisure Centre eSouth Coast ngoMgqibelo mhla ka-28 kwephezulu.

Kulo mcimbi ozobe kungowokwethulwa ngokusemthethweni kokubuya koGu Jazz Festival kuboshelwe abaculi abayizintandokazi okubalwa kubo uZonke Dikana, Mondli Ngcobo, Ami Faku, Umkhumbane Jazz Ensemble, Tender Mavundla, Olefied Khetha nabanye. Kuzophinde kunandise nabasakazi beGagasi FM.

Ukubuya kwalo mcimbi kuzobe kuhambisana nokuhlonipha inkakha yomculo uMadala Kunene oseke wahlonishwa nayizikhungo ezahlukene zomculo noMnyango wezobuCiko namaSiko ezweni lonke.

Echaza ngokuhlonipha uMadala Kunene uSiyabonga Msomi wenkampani iCoolsound Trading ehlela lo mcimbi uthe uMadala akavumelanga imvelaphi yakhe imvimbe ukuba aphumelele futhi azakhele igama emculweni,” kusho uMsomi enezela ngokuthi bakubone kufanele ukuthi bamhloniphe esadla anhlamvana ukuze akwazi ukuzibonela ngawakhe.

Lo mcimbi wangoMgqibelo uzokwandulelwa ngowe-gospel ozoba ngoLwesihlanu khona endaweni efanayo ozobe ubizwa nge-Offramp Worship Experience.

Kuwona kuzobe kuboshelwe uXolly Mncwango, Jumbo, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi nabanye kanti kuzobe kukhona nabafundisi abahlephula ezwini le Nkosi okubalwa kubo uPastor Shongwe, Prophet Msimang.

ULinda Sibiya uzobe engomunye wabaphathi bohlelo. Amathikithi okuhambela i-Offramp Worship Experience ngoLwesihlanu atholakala eTicketpro ngo-R100 kanti awangoMgqibelo uGu Jazz Festival Launch wona atholakale ngoR150 khona eTicketpro.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...