Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Sekumi ngomumo ngowoGu Jazz Festival

Sekumi ngomumo ngowoGu Jazz Festival

by | 26 June 2025

KONKE sekumi ngomumo ngokwethulwa komcimbi obhekwe ngabomvu Ugu Jazz Festival ozoba ngoMgqibelo eSport and Leisure Centre eSouth Coast ngoMgqibelo mhla ka-28 kwephezulu.

Kulo mcimbi ozobe kungowokwethulwa ngokusemthethweni kokubuya koGu Jazz Festival kuboshelwe abaculi abayizintandokazi okubalwa kubo uZonke Dikana, Mondli Ngcobo, Ami Faku, Umkhumbane Jazz Ensemble, Tender Mavundla, Olefied Khetha nabanye. Kuzophinde kunandise nabasakazi beGagasi FM.

Ukubuya kwalo mcimbi kuzobe kuhambisana nokuhlonipha inkakha yomculo uMadala Kunene oseke wahlonishwa nayizikhungo ezahlukene zomculo noMnyango wezobuCiko namaSiko ezweni lonke.

Echaza ngokuhlonipha uMadala Kunene uSiyabonga Msomi wenkampani iCoolsound Trading ehlela lo mcimbi uthe uMadala akavumelanga imvelaphi yakhe imvimbe ukuba aphumelele futhi azakhele igama emculweni,” kusho uMsomi enezela ngokuthi bakubone kufanele ukuthi bamhloniphe esadla anhlamvana ukuze akwazi ukuzibonela ngawakhe.

Lo mcimbi wangoMgqibelo uzokwandulelwa ngowe-gospel ozoba ngoLwesihlanu khona endaweni efanayo ozobe ubizwa nge-Offramp Worship Experience.

Kuwona kuzobe kuboshelwe uXolly Mncwango, Jumbo, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi nabanye kanti kuzobe kukhona nabafundisi abahlephula ezwini le Nkosi okubalwa kubo uPastor Shongwe, Prophet Msimang.

ULinda Sibiya uzobe engomunye wabaphathi bohlelo. Amathikithi okuhambela i-Offramp Worship Experience ngoLwesihlanu atholakala eTicketpro ngo-R100 kanti awangoMgqibelo uGu Jazz Festival Launch wona atholakale ngoR150 khona eTicketpro.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...