
UNCOME ukuba nozinzo kwesifundazwe iKwaZulu-Natal, uNdunakulu uMnu Thamsanqa Ntuli ngesikhathi eqeda ukuvota eVumanhlamvu Primary School, eNkandla.
Uthe yize zikhona izigameko zodlame ezimbalwa kodwa kunokuthula.
Ube esenxusa ukuthi abantu baphume ngobuningi ukuyovota ngoba lolu khetho lubalulekile ukuqinisekisa ukufaka umuntu ozohambisana nezimfuno zakho.
“Uma ungaphumi ukuyovota uzobe uvumela abanye abantu ukuthi bafake umuntu ongeke enze okudingwa uwena. Iminyaka emihlanu miningi kakhulu kuhleli umuntu omkhethelwe abantu. Nami sengivotile futhi kuyangijabulisa ukuthi sengilikhethile ikhansela lami. Nami ngisebugolini besifundazwe kodwa ngilawulwa yikhansela la ngakithi,” esho.
Esikhungweni lapho bekuvota khona undunankulu bebesembalwa abantu abebekhona ukuzovota.
UNtuli uthe uyakuqonda ukungabi baningi kwabantu ngesikhathi afike ngaso. Uthe njengoba kusemakhaya abantu baqala bavuke bahlanze amagceke abo ngaphambi kokwenza ezinye izinto.
Amalungu e-IFP abebeke amatende buqamama nalapho kuvotelwa khona amukele uNtuli ngengoma. Bekukhona nasebeqophe izingoma ezicula ngaye uNtuli.







