Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzilengisile ‘ogwaze intombi nabane, ecasulwa ukuthi iya esontweni’

Uzilengisile ‘ogwaze intombi nabane, ecasulwa ukuthi iya esontweni’

by | 10 December 2025

USASHAQEKILE umphakathi waseMgwempisi, eMalangeni, eMzinto, kulandela isigameko esinyantisa igazi esenzeke ngoMgqibelo ntamama, owesilisa egwaza ebulala intombi yakhe namalungu omphakathi amane, ecasulwa wukuthi ifuna ukuya esontweni.

Kuthiwa umbulali uqede ukugwaza isinqandamathe sakhe, wabe esephuma wagwaza wonke umuntu abehlangana naye endleleni. Kubikwa ukuthi kugcine kushona abantu abawu-5 sekuhlangene nesinqandamathe sakhe. Leli phephandaba lithole ukuthi umbulali uthe uma eqeda ukwenza lo mhlola, wabe esethatha intambo wazikhunga, naye wafa.

UMnu Vela Jwara oyinduna kuleya ndawo, utshele ILANGA ukuthi isimo kasisihle emphakathini, ngenxa yovalo kulandela lesi sigameko. Uthi ngokombiko abawutholile, lesi sigameko senzeke kukhona ingane endlini, yona ephunyulile, yabe isibikela omakhelwane.

“Lo mfana owenze lo monakalo akuyena owendawo, kodwa ubenobudlelwano nayo le ntombazane agcine eyibulele. Ingxabano isuke ngesikhathi intombi yakhe ilungisela ukuya esontweni, kwabe sekuqubuka ukungaboni ngasolinye. Ube esethatha ummese wayigwaza, wayibulala.

“Ingane ebikhona endlini nayo ngathi uzamile ukuyibhudubeza ngommese, kodwa yakwazi ukuphuma ibaleke yabikela omakhelwane. Sithe uma sivuka namuhla (izolo ngeSonto) sathola umbiko wokuthi usetholakele ezilengisile, ngasemathuneni. Utholwe ngabantu abebeyowasha emfuleni, abazithele phezu kwesidumbu sakhe silenga,” kusho uJwara.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda akatholakalanga ukuphawula ngalolu daba. Uthunyelelwe imibuzo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...