
UMNYANGO wezokuThutha, KwaZulu-Natal, uthi ushaqekile ngesibalo esiphezulu sabantu ababoshelwe ukushayela bephuze amanzi amponjwana, ngempelasonto. Bangu 93 abantu ababoshelwe ukushayela bephuzile kwizivimbamgwaqo ebezikhona ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal.
NgoLwesihlanu nangoMgqibelo ebusuku, kuboshwe abangu 55 ePort Shepstone, abangu 33 eKokstad, abangu 20 ePietermaritzburg, abangu 16 eMnambithi, abangu 24 eMhlanga (eThekwini), bonke batholwe benezinga eliphezulu lotshwala egazini.
Phakathi kwalaba bantu kukhona iphoyisa lesifazane laseSouthport Police Station, ePort Shepstone, imantshi, nomshayeli wetekisi waseMnambithi. Umshayeli wetekisi uboshwe elayishe abantu kepha ephuzile. Okhulumela uMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi babalelwa ku 300, abantu ababoshelwe ukushayela bephuzile esifundazweni kusukela ngenyanga kaNcwaba (August).
“Sishaqekile ngokwenyuka kwezibalo zabashayela bephuzile emingwaqeni yesifundazwe. Yinto lena esingeke siyimele futhi bazojeza abaphula imithetho esifundazweni ngoba kufa abantu abangenacala, ngenxa yabantu abashayela bephuzile,” kusho uMnu Sibiya.







