Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli uzohambela umndeni wekhansela le-ANC elidutshulwe labulawa

UNtuli uzohambela umndeni wekhansela le-ANC elidutshulwe labulawa

by | 10 August 2026

UNDUNAKULU wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uzovakashela umndeni wekhansela le-ANC, elidutshulwe lashona, lisemahhovisi alo eKlaarwater ngeledlule, uMnu Sibusiso Khwela (59).

UNtuli uzohambela umndeni wakwaKhwela ukuzodlulisa amazwi ache endunduzo emndenini kulandela ukuhlaselwa kukaKhwela odutshulwe washona ujuqu phambi kwamalungu omphakathi esemsebenzini.

Ukudlula kukaKhwela obedume ngelikaKhekhe, kuthuse abaningi kwafaka novalo njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya ngoNovember 4 nonyaka.

Ukuvakashela kukaNdunakulu kaKhwela kuyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ukweseka imindeni elahlekelwe ngenxa yodlame nokukhathazeka ngokuphepha komphakathi nabaholi bakwaZulu-Natal.

ILANGA lithole ukuthi uKhwela ubeyikhansela ebeliwusebenzela ngokuzimisela umphakathi, futhi ubesekhaleni lokuthi kuhlomule abantu bendawo yakhe ngamathuba omsebenzi njengoba kuthiwa kunenxanxathela yezitolo ezokwakhiwa eKlaarwater.

UKhwela uzofihlwa ngoMgqibelo khona eKlaarwater. Inkonzo yomngcwabo wakhe izoba senkundleni yezemidlalo iKlaarwater Sports Ground, eMarianhill.

UKhwela kuthiwa udutshulwe ngowesilisa owafika wazenza umuntu ofuna usizo, okuthe uma ephumela phandle ukuze amsize wadubula ngezinhlamvu ezine.

Esemdubulile kuthiwa lo wesilisa wabaleka ngezinyawo.

Okwamanje ayikakaziwa imbangela yokudutshulwa kwakhe.

Uphenyo ngokubulawa kwakhe lusezandleni zePolitical Killings Task Team.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...