
UNDUNAKULU wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uzovakashela umndeni wekhansela le-ANC, elidutshulwe lashona, lisemahhovisi alo eKlaarwater ngeledlule, uMnu Sibusiso Khwela (59).
UNtuli uzohambela umndeni wakwaKhwela ukuzodlulisa amazwi ache endunduzo emndenini kulandela ukuhlaselwa kukaKhwela odutshulwe washona ujuqu phambi kwamalungu omphakathi esemsebenzini.
Ukudlula kukaKhwela obedume ngelikaKhekhe, kuthuse abaningi kwafaka novalo njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya ngoNovember 4 nonyaka.
Ukuvakashela kukaNdunakulu kaKhwela kuyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ukweseka imindeni elahlekelwe ngenxa yodlame nokukhathazeka ngokuphepha komphakathi nabaholi bakwaZulu-Natal.
ILANGA lithole ukuthi uKhwela ubeyikhansela ebeliwusebenzela ngokuzimisela umphakathi, futhi ubesekhaleni lokuthi kuhlomule abantu bendawo yakhe ngamathuba omsebenzi njengoba kuthiwa kunenxanxathela yezitolo ezokwakhiwa eKlaarwater.

UKhwela uzofihlwa ngoMgqibelo khona eKlaarwater. Inkonzo yomngcwabo wakhe izoba senkundleni yezemidlalo iKlaarwater Sports Ground, eMarianhill.
UKhwela kuthiwa udutshulwe ngowesilisa owafika wazenza umuntu ofuna usizo, okuthe uma ephumela phandle ukuze amsize wadubula ngezinhlamvu ezine.
Esemdubulile kuthiwa lo wesilisa wabaleka ngezinyawo.
Okwamanje ayikakaziwa imbangela yokudutshulwa kwakhe.
Uphenyo ngokubulawa kwakhe lusezandleni zePolitical Killings Task Team.







