Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukhunjulwa ngobugagu uMntwana uMagogo kaDinizulu

Ukhunjulwa ngobugagu uMntwana uMagogo kaDinizulu

by | 23 November 2025

NGOLWESIHLALU bekuphela iminyaka ewu-41 kwedlula emhlabeni uMntwana uMagogo Constance, Ngangezinye, Mantithi kaDinuzulu, njengoba ashona ngomhla ka-21 kuLwezi (November), wango-1984.

UMntwana uMagogo, wayezalwa yiSilo sasoSuthu, iNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo, neNdlovukazi uS’lomo (okaNtuzwa), owayezalwa kwaMdlalose. UMntwana uMagogo, wayezalwe ngo-1900, ngemuva kokuba iSilo uDinuzulu sibuye ekudingisweni esiqhingini iSt Helena, njengoba sabuya khona ngo-1898.

Abafowabo bakaMntwana uMagogo, kwakuyiSilo saKwaDlamahlahla, iNgonyama uSolomon Phumzuzulu kaDinuzulu, owayezalelwe esiqhingini iSt Helena, ngo-1893, noMntwana u-Arthur Edward Mshiyeni kaDinuzulu, naye owayezalelwe eSt Helena ngo-1898, iSilo uDinuzulu sesibuya. Uhulumeni waKwaZulu omdala, wakhe isibhedlela eMlazi, wasiqamba ngoMntwana uMshiyeni (iPrince Mshiyeni Memorial Hospital), esivulwe ngokusemthethweni ngomhla ka-20 kuNdasa (March) ngo-1987.

UBUGAGU BUKAMNTWANA UMAGOGO

UMntwana uMagogo, ukhulele esigodlweni eMkhontweni, oSuthu, KwaNongoma, umuzi weSilo uDinuzulu kaCetshwayo. Ukhuliswe ngunina oKaNtuzwa, okunguyena owamfundisa ukudlala umakhweyana, ugubhu, umqangala, nesithontolo, okuyizinto ezazishaywa ngabesifazane uma becula KwaZulu.

UMntwana uMagogo wayeyimbongi enohlonze nehlonishwayo, ezibonga zonke izingonyama zaKwaZulu. IziNdlu zeSilo uMpande, nezinhloko zazo, wayezazi njengoba zinjalo. Uma kunemikhosi eNdlunkulu kaZulu, izimbongi “sezithethisa” ziqephuza izingonyama zaKwaZulu esezalala, uMntwana uMagogo wayeziqephuza naye.

Wayebonga izingonyama nabantwana basendlunkulu, aze asale yedwa eshashalazini, ezinye izimbongi, sezikhathele. Ngo-1926, uMntwana uMagogo ugane iNkosi uMathole kaMkhandumba Buthelezi, emzini waseKushumayeleni, eMahlabathini.

UMNTWANA UMAGOGO UHEHA AMAZWE OMHLABA

NGUMNTWANA uMagogo nendodana yakhe iNkosi uMangosuthu Buthelezi.


Yize noma ayesegane kwaButhelezi, uMntwana uMagogo waqhubeka nomculo wesintu. Lokhu kwaholela ekutheni inhlangano yokusakaza eNingizimu Afrika, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), emsakazweni iRadio Bantu, ifike emzini wakhe KwaPhindangene, iyoqopha umculo wakhe.

Umculo woMntwana uMagogo, wawudlalwa kwaRadio Bantu. Abathandi bomculo wesiNtu nabacwaningi ababezinze emanyuvesi aphesheya kwezilwandle, babethutheleka KwaPhindangene, beyoncela ulwazi ngomculo wesintu namasiko akwaZulu, njengoba uMntwana uMagogo wayenolwazi olunzulu ngakho.

UMntwana uPhika kaSitheku Zulu (uGadlakanjani), waseNtembeni, wayeyiSo leSilo uSolomon kaDinuzulu, eThekwini. Kwakuthi uma abacwaningi nosomlando bebuza kuye ezinye izinto zase-Ndlunkulu kaZulu, athi: “Ezinye izinto angisazikhumbuli, bakithi. Hambani niyobuza kuMagogo, eMahlabathini.”

USolwazi uMusa Xulu, ogogodile ezifundweni zomculo (music), enyuvesi yaseZululand (oNgoye), uthi uSolwazi Khabi Mngoma, owayephethe uPhiko lwezoMculo oNgoye, wayebathatha bayovakashela uMntwana uMagogo, ngenhloso yokufunda okuningi kuye. UXulu uthi wagcina ukubona uMntwana uMagogo, ngo-1983, esekhulile. USolwazi uJames Mzilikazi Khumalo, naye wayefika nabafundi baseWits University, “beyokotha” uMntwana uMagogo.

UKUHLONISHWA KWAMAGALELO OMNTWANA UMAGOGO

Umculi we-Afro Jazz, uMnu Zim Ngqawana (ongasekho), waqamba ingoma ethi, “Ode to Princess Magogo”. UNgqawana le ngoma wayishaya eBat Centre, eThekwini, kwachwaza ihholo, abantu becela ukuthi ayiphinde.

USibongile Khumalo (ongasekho) naye owayengumzwilili, wenza iqoqo lamaculo, ngoMntwana uMagogo, walethula ePlayhouse, eThekwini ngo-2002. UKopeletsheni waseThekwini wakhe inkundla yezemidlalo KwaMashu, yabizwa ngePrincess Magogo Stadium, ezungezwe yizigceme “u-P”, “u-J”, “noH” KwaMashu.

UMnu Thabo Mbeki, esengumengameli wezwe, ngoZibandlela (December) ka-2003, uhloniphe uMntwana uMagogo ngendondo iNational Order of Ikhamanga in Gold. UMasipala wesiFunda uMzinyathi, enyakatho-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal, uqambe ibhilidi eliyikomkhulu lawo ngoMntwana uMagogo.

UBUGAGU BEDLULELA NASEZIZUKULWANENI

UMntwana uMagogo uzibule ngeNkosi uMangosuthu Buthelezi ngoNcwaba (August) ka-1928. Naye uMntwana waKwaPhindangene (iNkosi uButhelezi) wayeyigagu. Uma kuwuMkhosi weLembe, nguMntwana waKwaPhindangene, ebambisene noMntwana uLayukona Gideon kaMnyayiza kaNdabuko, wakwaMinya, ebebehola amabutho, kuhutshwa.

UMntwana uMagogo uthole uMntwana uMorginah Phikabakushoyo ngo-1931. UMntwana uMorginah ugane uDkt Mafu Dotwana, abahlala naye eDaveyton, eBenoni, eKurhuleni. UMntwana uMorgainah noDkt Dotwana badlule emhlabeni ngo-1996.

UMntwana uMagogo uphinde wathola uMntwana u-Admarah Phokunani ngonyaka ka-1940. UMntwana uPhokunani wagana kwaVilakazi, kanti naye akasekho emhlabeni. NgoLwesihlanu, kwisigcina-magugu saseNcome, enyakatho yeKwaZulu-Natal, bekunesifundo esethulwe yiNkosi uZuzifa Buthelezi, engumzukulu kaMntwana uMagogo, neNkosi yasizwe sakwaButhelezi, eMahlabathini.

IMITHOMBO ESETSHENZISWE

  • Incwadi ebhalwe nguMnu Ben Temkin ethi, “Buthelezi – The African Statesman”.
  • Ingxoxo noSolwazi Musa Xulu.
  • Ingxoxo neNkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...