Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isihluku ingoduso ibulala umyeni phambi kwezingane

Isihluku ingoduso ibulala umyeni phambi kwezingane

by | 9 December 2025

ISAGCWELE amathafa ingoduso esolwa ngokugwaza, ibulale umyeni wayo phambi kwezingane zibuka Ezinketheni, eMgungundlovu.

Usashaqekile umndeni kaMnu Scelo Mwelase (38) (osesithombeni), ngesenzo sikamakoti wawo, okubikwa ukuthi umgwaze ummese wabhajwa emzimbeni, waphinde walanda omunye wamqedela ngawo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke kubuka izingane zikamufi, eneminyaka ewu-10, nenewu-14 ubudala.

Kubikwa ukuthi ingoduso iqede ukumgwaza, yamkhiyela endlini nezingane, maqede yashaya yachitha.

Ngokuthola kweLANGA, ingoduso ivukwe yisikhwele ngesikhathi umufi efika ehamba nowesifazane, kade ephume ekhaya eyocima ukoma. Kuthiwa ngemuva kokubona umyeni nalo wesifazane, kuqubuke ingxabano, eholele ekutheni imgwaze, imbulale.

UNkz Londiwe Mwelase ongudadewabo kamufi, utshele leli phephandaba ukuthi ingoduso kamfowabo kayiqali ukuba nodlame. Uthe ngonyaka odlule yagwaza umfowabo omncane kamufi. Uthi nakhona lapho, yayixabana naye umufi, kodwa kwagcina kugwazeka umfowabo omncane. Uthi umfowabo uyilobole kuwona lo nyaka ingoduso yakhe, njengoba isimbulele nje.

“Izingane zikamfowethu azizala ngaphandle, bezikhona. Zithi ubekade ehambile eyodlala i-snooker. Uthe esebuya, ubehamba nowesifazane, okuyikhona okubaxabanisile. Izingane zithi ingoduso iqale yamshaya ngempama umfowethu, naye waphindisela, yathatha ibhodlela yamphihliza ngalo ekhanda. Esathuswe yilokho, ingoduso yabe isithatha ummese, yamgwaza,” kusho uNkz Mwelase.

UMnu Mxolisi Nxumalo oyisishoshovu esilwisana nobugebengu kuleya ndawo, ucele abantu ababona umsolwa ukuba baxhumane namaphoyisa ngokushesha.

“Sikhathazekile ngezigameko ezifuze lesi, ezenzeka lapha endaweni. siyafisa ukuthi izinhlaka ezilwisana neGBV, zingenelele, zibize imbizo lapho kuzodingidwa ngokuziphatha ebudlelwaneni babantu abathandanayo, ukuzama ukugwema izinto ezifuze lezi,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthunyelwe imibuzo, kodwa kuze kwashicilelwa engayiphenduli. Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lisiqinisekisile isigameko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...