Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isihluku ingoduso ibulala umyeni phambi kwezingane

Isihluku ingoduso ibulala umyeni phambi kwezingane

by | 9 December 2025

ISAGCWELE amathafa ingoduso esolwa ngokugwaza, ibulale umyeni wayo phambi kwezingane zibuka Ezinketheni, eMgungundlovu.

Usashaqekile umndeni kaMnu Scelo Mwelase (38) (osesithombeni), ngesenzo sikamakoti wawo, okubikwa ukuthi umgwaze ummese wabhajwa emzimbeni, waphinde walanda omunye wamqedela ngawo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke kubuka izingane zikamufi, eneminyaka ewu-10, nenewu-14 ubudala.

Kubikwa ukuthi ingoduso iqede ukumgwaza, yamkhiyela endlini nezingane, maqede yashaya yachitha.

Ngokuthola kweLANGA, ingoduso ivukwe yisikhwele ngesikhathi umufi efika ehamba nowesifazane, kade ephume ekhaya eyocima ukoma. Kuthiwa ngemuva kokubona umyeni nalo wesifazane, kuqubuke ingxabano, eholele ekutheni imgwaze, imbulale.

UNkz Londiwe Mwelase ongudadewabo kamufi, utshele leli phephandaba ukuthi ingoduso kamfowabo kayiqali ukuba nodlame. Uthe ngonyaka odlule yagwaza umfowabo omncane kamufi. Uthi nakhona lapho, yayixabana naye umufi, kodwa kwagcina kugwazeka umfowabo omncane. Uthi umfowabo uyilobole kuwona lo nyaka ingoduso yakhe, njengoba isimbulele nje.

“Izingane zikamfowethu azizala ngaphandle, bezikhona. Zithi ubekade ehambile eyodlala i-snooker. Uthe esebuya, ubehamba nowesifazane, okuyikhona okubaxabanisile. Izingane zithi ingoduso iqale yamshaya ngempama umfowethu, naye waphindisela, yathatha ibhodlela yamphihliza ngalo ekhanda. Esathuswe yilokho, ingoduso yabe isithatha ummese, yamgwaza,” kusho uNkz Mwelase.

UMnu Mxolisi Nxumalo oyisishoshovu esilwisana nobugebengu kuleya ndawo, ucele abantu ababona umsolwa ukuba baxhumane namaphoyisa ngokushesha.

“Sikhathazekile ngezigameko ezifuze lesi, ezenzeka lapha endaweni. siyafisa ukuthi izinhlaka ezilwisana neGBV, zingenelele, zibize imbizo lapho kuzodingidwa ngokuziphatha ebudlelwaneni babantu abathandanayo, ukuzama ukugwema izinto ezifuze lezi,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthunyelwe imibuzo, kodwa kuze kwashicilelwa engayiphenduli. Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lisiqinisekisile isigameko.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...