Ilanga News
Home 9 Entertainment 9  ‘Uphakanyiswa’ wukuqhamuka nokwehlukile kumaskandi

 ‘Uphakanyiswa’ wukuqhamuka nokwehlukile kumaskandi

by | 26 October 2025

UTHI ukuqhamuka nento ehlukile yikhona okumenze washeshe wagqama emculweni kamaskandi umculi osemncane waseNgoqokazi, eNanda, eThekwini, uWandile Mkhize, odume ngilikaNkeshemba emculweni.

Uthi ukubona kuwubizo kuyena ukungena emculweni njengoba ethe eqeda ukukhipha ingoma yakhe yokuqala ngqa, esihloko sithi, “Ngixolele Mntanami”, yavele yangena ebantwini njengoba ibalwa nezishisa izikhotha kulezi zinsuku.

“Ngibonga kubantu bonke abathintwe yiphimbo likaNkeshemba, nendlela abangemukele futhi bangeseka ngayo. Nginethemba lokuthi le ndlela engiyiqalayo engiyibekelwe nguMdali, ngizoyihamba nabo,” esho.

Emasontweni edlule kusabalale kwiTikTok abantu abaziwayo kule nkundla, benxusa abantu ukuba bamnike ithuba uNkeshemba ngoba uza nokwehlukile.

Lo mculi uthi ukuthandwa kwengoma yakhe ethi “Ngixolele Mntanami”, ephume ngenyanga edlule, kumphoqe ukuqopha ezinye ezimbili, ethi, “iSibaya Sikababa”, nethi “Ushaka”.

Uthi uyobakhohlwa efile abantu basezinkundleni zokuxhumana ngokumeseka, okumvulele iminyango eminingi njengoba eseqalile ukubizwa nasemicimbini emikhulu.

“Uma ngingase ngithi bengibazi ngabe ngisenga ezimithiyo. Ubudlelwano nokwazana sikuqale khona lapha ezinkundleni zokuxhumana. Ngingeke ngibale uMhlaka 01 (omunye wabalandeli bakhe) kuphela kubantu abanxusile ukulalela umculo wami. Baningi ababe nesandla, ngithanda ukubabonga bonke ngoba bonke balenzile iqiniso kimi. ISouth Afrika yonke, ngiyabonga kakhulu.”

Uthi okwamanje kayikho inkampani angaphansi kwayo.

“Kayikho inkampani engingathi ngibambisene nayo okwamanje, kuphela kukhona iStudio iGMD, esiseThekwini, engiqopha kusona. Nakhona kakunasivumelwano esikhona, wukufika nje umuntu akhokhe, enze umsebenzi wakhe, bese eyaphuma eyoziphushela wona. Umuntu nje engingathi ngibambisene naye nguSanele Nzama,” esho.

Utshele leli phephandaba ukuthi okumenza athandwe wukuthi: “Angibhali nje ngoba ngithi ngibhalela ukukhipha ingoma, kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhala into ezothinta abantu. Ngibhala ingoma ezothi uma ifika emuntwini, imenze aphile uma egula, kuthi uma ebhekene nesimo esinzima, abone ukuthi akuyena yedwa obhekene nobunzima.”

Uthi kuningi okusemgodleni wakhe futhi abantu bazobhema bakholwe emicimbini azoyihambela, aqashwe kuyona. Uveze nokuthi akakholelwa entweni yokushinga ngomculo, nokuchomela abantu ezingomeni, kodwa inhloso yakhe wukuthi umculo wakhe ulalelwe yiwona wonke umuntu, ngisho abangawuthandi umaskandi.

“UNkulunkulu indlela angibusise ngayo ngalesi siphiwo, uthe ‘mfana wami uzoculela abantu’, akashongo ukuthi abantu abathile. Khona ngiyinsizwa impela, kodwa kulezi zomtalabho nokuchema, angitholakalanga.”

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...