IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE
ABANTU bakwaKhumalo, yiwona amaNtungwa ngokwesigaba sabeNguni nangokwezithakazelo. UMntungwa, indodana kaMbulazi, wayenamadodana amabili – uMabaso (omdala) noKhumalo. Ekufikeni kwawo kwelikaMthaniya, aqhamuka ngaseNtilasifali, njengazo zonke izibongo ezingaphansi kwabaNtungwa.
KUSUKELA kwesobunxele phezulu; nguMfazomnyama (ongasekho), uZandi, uKelly noWinnie Khumalo kanti ezansi (kusukela kwesobunxele) nguBerita, uMgqumeni (ongasekho) noPhumlani “Mfezemnyama” bakwaKhumalo. Bonke bangabaculi.
Afike bakha eBabanango kuze kuyoshaya eNadweni, eNquthu. UKhumalo uzale uMkhatshwa (inkosana), uLanga noYengwayo. Indlalifa kaMkhatshwa nguZikode, uMashobana wayeyinkosana yaseKhohlo. UMashobana, wazala uMzilikazi wodumo, owasungula isizwe samaNdebele (Matebele) esiseZimbabwe.
UMagawozi inkosana kaZikode, izale uBheje owayeyinyanga edumile KwaZulu. Ekuhambeni kwesikhathi, amaNtungwa afuduka ayokwakha ehlathini laseNgome, phakathi kwaKwaNongoma neVryheid. Phakathi ehlathini, kwakunemigede namawa, okwakuyinqaba yababantu bakwaKhumalo – becasha khona uma behlaselwa, izitha zabo zehluleke ukubathola.
UMZILIKAZI KAMASHOBANA
UMzilikazi wayeyiqhawe lakwaKhumalo elaphila ngesikhathi kubusa iSilo uShaka. Wayezalwa yindodakazi yeNkosi uZwide kaLanga wakwaNdwandwe, futhi wakhulela khona koninalume, emzini waseThokazi. Kuthiwa uMzilikazi wayesukile egadeni, emnyama swaca, esa-
tshwa futhi enolaka. Nalo iLembe kuthiwa lalimesaba uMzilikazi.
NGU-ELIAKIM “KK” Khumalo (ongasekho) nendodana yakhe, uDoctor.
Kuthiwa iLembe lathumela umyalezo wokuba uMzilikazi ayolanda izinkomo kubeSuthu, eNtabazwe, (eHarrismith). Kuthiwa sanika uMzilikazi ibutho lamakhehla, lenzela ukuthi la makhehla abulawe ngabeSuthu, naye uMzilikazi. Wahlakanipha uMzilikazi, wathatha la makhehla wawahlabela izinkomo – khona laphaya kwaKhumalo, eNgome – adla, anikwa notshwala, akhohlwa
wukuthi abethunywe ukumphelezela ayodla izinkomo kubeSuthu. Wathatha izinsizwa zakwaKhumalo ezondlekile, ezinejubane, wahamba nazo waphikelela kubeSuthu.
Kuthiwa amaNtungwa afika eMadlangeni (e-Utrecht), aphumula, abuye aqhubeka, azithatha izinkomo zabeSuthu.
UMZILIKAZI UFIKA NEZINKOMO ENGOME
UMzilikazi wafika nezinkomo eNgome, kwakikizwa ngoba kwakungezekhethelo futhi ziningi. Wathatha ezizacile, wathi la makhehla ayenikwe wona yiSilo uShaka, mawahambe nazo ayozethula kuso. Kwasuka uBheje, ongomunye wabafowabo bakaMzilikazi, waya kuShaka, wamtshela ukuthi izinkomo ezinhle ziseNgome, uMzilikazi akazethulanga. ILembe kuthiwa lathukuthela lathelwa ngamanzi, lathumela ukuba uMzilikaziatshelwe, ahambise kulo lezo zinkomo.
Ngesikhathi izithunywa zifika eNgome, kuMzilikazi, wabiza bonke abakwabo, wathi: “MaNtungwa zikhona izinkomo zikaShaka lapha? Uma uShaka ethi ngezakhe lezo zinkomo, makasho ukuthi zimbala muni, nokuthi zingaki. ”Wathatha umlenze wenkomo – ngoba wayehlabile – wathi izithunywa zikaShaka mazihambe nawo, zimnike adle ngoba ulambile.
NGU-MAUDE Khumalo weBsetsane okuyiqembu elincane leBanyana Banyana.
Uma umuntu ekunika umlenze KwaZulu, usuke ekweya, ekuthathisa okomfokazana. ILembe lathukuthela, lahlomisa amabutho ukuba kuyobulawa uMzilikazi. UMzilikazi wezwa ngezinhloli zakhe ukuthi iLembe liza nempi, wathutha izinkomo, wahamba. Wabheka enyakatho. Yikho uma kuthakazelwa abantu bakwaKhumalo kuthiwe “UMzilikazi akabalekanga nezinkomo zikaShaka ngoba zazikhona ezakubo eNgome.”
UMZILIKAZI UFULATHELA INGOME
UMzilikazi wahamba nomhlambi wezinkomo waze wayowela umfula iGwa (Vaal River). Amabutho kaShaka ayelokhu esezithendeni zakhe namabutho asemaNtungweni eyekhukhula nawo. AmaNtungwa ahamba aze ayophumula endaweni okuthiwa iNatalspruit njengamanje,
eKatlehong, eKurhuleni. Lapho uMzilikazi wakha umuzi, wathi kuKwaDukathole. Ahlalile lapho, ezwa ukuthi nango uShaka, akakakhathali, usawalandela. Amabutho kaShaka afika, athola ukuthi uMzilikazi usethuthile waphikelela enyakatho.
UShaka wafika KwaDukathole, kwangena yena, wathi igama lalo muzi sekuKwaDedangendlale (ethi “Deda-Mzilikazi ngendlale”). UShaka namabutho akhe bagcina bebuyele emuva, bengawatholanga amaNtungwa.
AmaNtungwa akhukhula aze awela imifula, asuka eNtilasifali, abheka
eBotswana naseZambia njengoba agcina esezinze eningizimu-ntsholanaga yeZimbabwe, ehamba ehlasela izizwana
endleleni, edla nezinkomo zazo.
UMzilikazi wafika eZimbabwe wasungula isizwe samaNdebele, eMatebeleland.
AMANTUNGWA ASALA EBULAWA YISILO UDINGANE
UMzilikazi wabulawa ngo-1868 ngaseZerust, eNorth West, kwasala indodana yakhe uLobe-ngula, yaphatha isizwe ayesesisungulile.
INKOSI uSiphamandla Khumalo (engasekho)
Uhambo lwakhe waluqala ngo-1823, njengoba agabavula amazwe ahlukene. ILembe lakhothama ngoMandulo (September) ka-1828, kwaphatha uDingane. ISilo uDingane sawahlasela amaNtungwa asala eNgome, ngoba saze sabulala noBheje, inyanga yodumo.
INkosi uSiphamandla Khumalo yaseMajuba, idutshulwe ngonyaka odlule. Ikhona enye inkosi yakwa-Khumalo eNdwedwe, kanti enye, uMzilikazi Junior, iseMhlwaneni, eMnambithi.
IZILOMO NEZIHLABANI ZAKWAKHUMALO
– Izelamani zaKwaKhumalo, uKelly noZandi, ngabanye babantu abadumile balesi sibongo;
– USolwazi uJames Mzilikazi Khumalo, osanda kushona,
wahlanganisa amaculo “iNkosi sikelela i-Afrika neDie Stem” kwaba yiculo lesizwe elilodwa;
– UTheophelus Doctor Khumalo owazakhela udumo esadlala kwiKwaKaizer Chiefs nakwiBafana-Bafana;
NGULELETI Khumalo.
– UMnu uZakhele “MZ” Khumalo (ongasekho), wayengomunye wabaphathi bephephandaba ILANGA;
– UMnu uRomeo noBasetsana Kumalo, ngabanye abadumile bakulesi sibongo;
– ULeleti Khumalo, ongumlingisi, uzakhale igama emdlalweni iSarafina, nasemidlalweni
kamabonakude..
IMITHOMBO ESETSHENISIZWE
– UDkt Reggie Sipho Khumalo (ongasekho) wabhala incwadi
esihloko sithi, “UPhoko”
– UMnu Nthebe Molophe
ubhale incwadi ethi; “King Mzilikazi kaMashobane”
– South African History Online.