Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uphenyo luyaqhubeka ngabasolwa (5) abadutshulwe ngamaphoyisa bashona

Uphenyo luyaqhubeka ngabasolwa (5) abadutshulwe ngamaphoyisa bashona

by | 12 May 2025

UPHENYO luyaqhubeka kulandela ukuthi amaphoyisa adubule abulala abasolwa abahlanu bashona esigamekweni esenzeke eMophela elokishini laseMpumalanga eHammersdale ngeSonto ebusuku.

Ngokusho kwamaphoyisa laba basolwa bebefunelwa amacala ahlukene okubalwa kuwo elokubulawa kowesilisa nomkakhe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa athole ulwazi lobunhloli ngabasolwa abebehamba ngemoto emgwaqweni waseMophela.

“Amaphoyisa azamile ukumisa laba basolwa ukuthi bame kodwa bakushaya indiva lokho,” kusho uNetshiunda.

Uqhuba ngokuthi ngemuva kokuziba ukumiswa ngamaphoyisa bamane bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona nokuyilapho amaphoyisa ephindisele ngenganono kwase kuba nokudubulana phakathi kwawo nabasolwa.

“Ngeshwa abasolwa abahlanu baphelele khona endaweni yesigameko,” echaza.

Uqhube ngokuthi amaphoyisa apequlule imoto ebihamba abasolwa athola izibhamu ezintathu.

Uthe bebefunelwa icala lokubulala owesilisa oneminyaka ewu-66 ubudala owadutshulwa ekwakhe endaweni yaseKwandeni ngoMgqibelo owedlule.

“Lo mlisa wayisinde ngiFebruary edutshulwa ngenqwaba yezinhlamvu njengoba kulesi sigameko kwagcina kushona umkakhe,” esho enanela ngokuthi laba basolwa bayathinteka nasekubulaweni kwamaphoyisa amabili.

UNetshiunda udalule ukuthi uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi awekho yini amanye amacala laba basolwa abathinyeka kuwona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...