Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Indlunkulu ithi okuzokwenzeka enkantolo akuzukusiphazamisa iSilo esihlalweni

Indlunkulu ithi okuzokwenzeka enkantolo akuzukusiphazamisa iSilo esihlalweni

by | 26 May 2025

NGUMENGAMELI Cyril Ramaphosa neSilo uMisuzulu kaZwelithini.


INDLUNKULU kaZulu ithi phansi amaphaphu mayelana necala elithinta isihlalo sobukhosi baKwaZulu, elizolalelwa ngoLwesine nangoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala, eBlomfontein. 

Ithi isinqumo esiyokhishwa yile nkantolo ngeke sikuphazamise ukuba sesihlalweni kweNgonyama uMisuzulu kaZwelithini. 

Leli cala liqondene nesinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokukhipha isitifiketi sokwamukelwa ngokusemthethweni futhi ngokukahulumeni, ukuthi iSilo uMisuzulu yiyona Ngonyama kaZulu, ekubeni kusenomdonsiswano okhona endlunkulu ngendaba yesihlalo. Lo mdonsiswano ubandakanya noMntwana uSimakade, naye othi isihlalo ngesakhe. 

UMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu neSilo, uthi noma le nkantolo ingakhipha isinqumo esimchithayo uRamaphosa, isihlalo ngeke siphazamiseke. Uthi lesi sinqumo siyobe singasho ukuthi kukhona omunye okumele asondele angene esihlalweni, okuwukuthi iSilo esikhona sizoqhubeka nokuba yiNkosi yamaZulu. 

Uqhube wacacisa ukuthi leli cala kalizukubaba namthelela esihlalweni ngoba usiko lwesintu lokubekwa nokugcotsha kwenkosi, olubizwa ngokungena esibayeni, lwenziwa, lwaphothulwa.  

Isinqumo sikaRamaphosa saphonselwa inselelo wuhlangothi lwabaNtwana baseNdlunkulu, oluphikisana nokubekwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu. 

INkantolo eNkulu yasePretoria, eyalalela isimangalo esafakwa yilaba baNtwana okubalwa kubo uMxolisi kaBhekuzulu waKwaMinyamanzi, uMbonisi kaBhekuzulu, nabanye, yamchitha uRamaphosa, yathi asikho emthethweni isinqumo asithatha sokwamukela iSilo uMisuzulu njengeNkosi, nokumnikeza isitifiketi sobukhosi akukho emthethweni. URamaphosa wabe esesiphonsela inselelo lesi sinqumo seJaji uNorman Davis, wasidlulela eBloemfontein. 

Isazi sezomthetho, uMnu Mpumelelo Zikalala weZikalala Attorneys uthi iSilo singalahlekelwa yimihlomulo yaso uma kungenzeka icala limlahle uRamaphosa. 

Uthi isitifiketi esikhishwa ngumengameli sisuke sivula imihlomulo nesabelo-mali seSilo esivela kuhulumeni, esigunyazwa wumthetho iTraditional Khoi-San Leadership Act. Uthi futhi leso sitifiketi kuqinisekisa nokuthi iSilo siba nesihlalo ePhalamende. ISilo saqoka uMntwana uNathi Zulu waKwaMandlakazi ukuba ayosimela ePhalamende.  

UZikalala uqhube wathi uma inkantolo imchitha uRamaphosa, kungenzeka adlulele eNkantolo yezoMthethosisekelo ngethemba lokuthi yona ingakhipha isinqumo esehlukile.       

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...