Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Undunankulu uhambele umndeni wekhansela elibulewe

Undunankulu uhambele umndeni wekhansela elibulewe

by | 11 August 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal obuye asingathe uPhiko lokuPhepha koMphakathi (Community Safety), esifundazweni, uMnu Thami Ntuli, ngoLwesibili uhlanganise amehlo nomndeni wekhansela le-ANC elidutshulwe labulawa ngoLwesine.

UKhansela Sibusiso Khwela obehola uWard 17 kuMasipala weTheku, udutshulwe esemahhovisi abesebenzela kuwona eKlaarwater. Kuthiwa udutshulwe ngumuntu ofike wazenza ozocela usizo.

“Okubuhlungu wukuthi uKhansela uKhwela, ubulawe esemsebenzini, enza umsebenzi womphakathi, abezibophezele ekutheni ulethelwe izidingo futhi uthuthukiswe. Asengu-18, amakhansela abulawe komasipala baKwaZulu-Natal, kusukela ngo-2021. Ukhetho lokugcina lohulumeni basekhaya, belungawo lowo nyaka.

“Ukubulawa kwabantu abasebenzela umphakathi ngokuzikhandla, nangokwethembeka, yinto esiyithatha njengehlazo siwuhulumeni,” kusho isitatimende sikaNdunankulu uNtuli.

Kuvela ukuthi uKhwela ubulawa nje, ubengezokulungenela ukhetho lukuba yikhansela ngomhla ka-4 kuLwezi (November), njengoba kuzokhethwa amakhansela. Ukubulawa kukaKhwela, nokukaMnu Dauglas “Mfene” Thusini, ongcwatshwe ngoMgqibelo, KwaMashu, obeyisishoshovu seMarch and March Movement, sekuphenywa uphiko, iPolitical Killings Task Team (PKTT).

Amakhansela abulawe komasipala kuleli hlandla eliqale ngo-2021, eThekwini angu-5, kanti eMngeni, eMkhambathini, naseNewcastle angu-2, umasipala ngamunye.

Abanye omasipala okubulawe emakhansela awo ngaso lesi sikhathi, ngowaseMsunduzi, eMzumbe, ebaQulusini, KwaNongoma, eMvoti nowaseMhlathuze.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...