Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uphikelele uGodongwana wayenyusa iVAT

Uphikelele uGodongwana wayenyusa iVAT

by | 12 March 2025

IZOKWENYUSWA ngo-0.5% kulo nyaka intela ekhokhwa ngabathengi ezimpahleni ezinhlobonhlobo, nakumasevisi athile, ebizwa nge-Value Added Tax (VAT).

Nangonyaka ozayo izophinda yenyuswe ngomunye u-0.5%, okuzoyenza igcine yenyuke ngo-1% eminyakeni emibili kusuka manje. Lokhu kuchaza ukuthi kule minyaka emibili intela izokwenyuka isuke ku-15% ekuwo njengamanje, ifinyelele ku-16%.

Lolu guquko kwiVAT lumenyezelwe nguNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana ngoLwesithathu ntambama, ngesikhathi ethula isabelomali salo nyaka, ePhalamende likazwelonke eCape Town.

Lesi sabelomali kwakufanele sethulwe ngenyanga edlule kodwa umcimbi wokwethulwa kwaso wahlehliswa ngenxa yokungqubuzana phakathi kwamaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano.

Lokho kungqubuzana kwaqubulwa wukungavumelwani ngesiphakamiso saphambilini sikaGodongwana sokwenyusa iVAT ngo-2%. I-DA namanye amaqembu ayingxenye kahulumeni akuchitha ukwenyuswa kweVAT ngo-2%.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...