Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uvukwe wumunyu ethweswa iziqu ‘obeyisisulu sokuhlukunyezwa’

Uvukwe wumunyu ethweswa iziqu ‘obeyisisulu sokuhlukunyezwa’

by | 12 May 2026

UBONGE ukwesekwa ngabazali bakhe ethweswa iziqu owesifazane othi ubeyisisulu sokuhlukunyezwa ngowesilisa abethandana naye. UNkz Nonsikelelo Mhlongo waseMthunzini uvukwe wumunyu ngesikhathi ethweswa iziqu zeBusiness and Information Management, eDurban University of Technology (DUT) ngoMsombuluko.

“Abazali bami abazange balilahle ithemba ngami. Bangesekile ezikhathini ezimnyama zobunzima, banakekela izingane zami ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokufunda. Lezi ziqu zingezabo,” esho.

Le ntokazi ithi ibibhekene nobunzima bokuhlukumezeka iminyaka emine, okuze kwanomthelela ongemuhle ezifundweni zayo. Ithi kube nesikhathi lapho iphoqeleke ukuthi ithathe ikhefu lenyanga isesibhedlela ngenxa yokuhlukunyezwa. Ithi igcine isiphuthwa yizivivinyo ngesikhathi isazama ukwelulama. Nakuba kunjalo ivuke yazithatha, yazimisela iphokophelele phambili. Ithi ezinye zezinqumo ezenzile zibe nomthelela ongemuhle ezifundweni zayo, kepha obekuyiqinisa idolo wukwesekwa wumndeni wayo.

UNonsikelelo ugqugquzela izisulu zokuhlukunyezwa ukuba zingathuli, ziphumele obala ukuthi zithole ukwesekwa. Uthi kumele zikhumbule ukuthi zinamandla ngaphezu kwezinselelo ezisuke zibhekene nazo. Kumele zithole amandla okuphuma okuphuma ebudlelwaneni obubi, isikhathi singakahambi, kusho yena.

Le ntokazi iqale ukufunda eDUT ngo-2021, yenza isitifiketi kwiPublic Relations, yaqhubeka yenza iDiploma in Business and Information Management. Ifisa ukuqhubeka nezifundo, yelekelele emphakathini wangakubo.

Unina kaNonsikelelo, uNkk Ntombenhle Mhlongo uthi kumfikisele ngezinyembezi ukubona indodakazi yakhe yethweswa iziqu zemfundo.

“Ukubona indodakazi yami yethweswa iziqu phezu kwakho konke edlule kukho kungenze ngafikelwa wumunyu. Ngiyaziqhenya ngaye nokuthi akazange aziyeke izifundo zakhe. Kuyangijabulisa ukumbona efeza amaphupho akhe, etshengisa namandla ezinganeni zakhe,” esho.

Ezisematheni

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

UGWETSHWE ulikajele owesilisa owabulala uyise ngokumshaya ngomshiza, kulandela ingxabano. INkantolo yesiFunda eHlanganani igwebe uSihle Emmanuel Khambule (37) ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uyise uMzingelwa Khambule (66). Isigameko senzeke eBulwer, KwaZulu-Natal...

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

KUQINISEKISWE nokudlula emhlabeni kwegidangoma engozini yemoto ebulale umculi kamaskandi ebusuku uScebi Dlamini obedume ngeNkosi Yamagcokama. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi iNkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kule ngozi eyenzeke erobhothini...

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...