
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uhlabe wahlikiza umkhuba wokuthwala osenziwa kwezinye izindawo KwaZulu-Natal ngesikhathi ekhuluma e-Olive International Convention, eThekwini, ngoMgqibelo. Uthe ukuthwala, (lapho intombi ithathwa ngenkani ukuthi iyogana), kuyicala ngoba kuhlukumeza amalungelo abantu besifazane.
“Abantu abasaqhubeka nokwenza lo mkhuba kufanale bazi ukuthi benza into engekho emthethweni, ngoba lowo muntu othwalayo usuke engavumanga. Ukuthwala kuyicala esikhathini samanje njengoba sikhuza udlame nokuhlukumezwa kwabantu besifazane nezingane, sikhuza nawo lo mkhuba wokuthwala,” esho.
KwaZulu-Natal, usuku lokuqhakanjiswa kwamaLungelo abaNtu (Human Rights) belenziwe nguHulumeni wesifundazwe, eThekwini. Umgubho kazwelonke wokubungaza iHuman Rights Day, ubuse Kariyega, e-Eastern Cape, lapho bekukhuluma khona iPhini likaMengameli wezwe uMnu. uPaul Mashatile.
Izindawo KwaZulu-Natal, okuthiwa kusaqhutshwa khona umkhuba wokuthwala, izifunda uThukela (Bergville) naseMzinyathi (eMsinga). UNdunankulu uNtuli, uthi ukuthwala akuhambisani nomthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ngoba lokhu kufana nokuthumba (abduction).
“Sinxusa ukuthi nonke nibe ngamanxusa okulwa nokuhlunuyezwa okuncikene nobulili ukuze sakhe izwe eliqhubekela phambili,’ esho.
Uchwepheshe wezamaSiko noMlando, uSolwazi Jabulani Maphalala, uthi ukuthwala kwakungumkhuba owawenziwa emandulo kodwa ungagxekwa.
“Kwakuthi uma intombi igajwe wuthando ikhulume nalowo mlisa emthandayo, bavumelane ngokuthi ithwalwe. Kwakungekhona ukuthumba nokudlwengula, ngoba uma intombi isithwelwe kwakuvuka abantu ekuseni, baye kubo wentombi bayothi funelani ngakithi, ingane yenu yithina esiyithathile, bese kulandela ukuza kwabakhongi kulowo muzi. Kwesinye isikhathi abantu ababethwala, yilabo ababengenawo amandla okulobola. Yebo, kuwumkhuba ukuthwala kodwa sekwaphelelwa yisikhathi, uma ukwenza esikhathini samanje ungaboshwa nokuboshwa,’ kuhlaziya uSolwazi uMaphalala.
IHuman Rights Day, yaqala ukuba yiholidi ngo-1994, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, esenguNgqongqoshe wezaseKhaya kuleli, wenza leli langa laba yiholidi. Phambilini lalaziwa ngokuthi yiSharpville Day, lihlonishwa yizinhlangano ezazilwa nenqubo yobandlululo. Ngomhlaka 21 kuNdasa (March) ngo-1960, kwadutshulwa kwabulawa abantu abawu-69, eSharpville, eGauteng, ababebhikishela ukuphathiswa kwabantu abamnyama amapasi.
menzi.jele@ilanganews.co.za.