Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Umphrofethi’ nomkakhe ‘baqala kabusha’ ngemuva kokuthukana ezinkundleni zokuxhumana

‘Umphrofethi’ nomkakhe ‘baqala kabusha’ ngemuva kokuthukana ezinkundleni zokuxhumana

by | 2 September 2026

SEBEKULUNGELE ukuqala kabusha impilo yabo othandweni abashadile ababe sematheni ngempelasonto, bethukana ngemuva kokuvela kwezindaba zokugqabuka kwegoda phakathi kwabo.

UMnu Saziso Ndwandwe, odume ngelikaMphrofethi uMafohla, waseSdinsi, KwaNongoma, nowakwakhe uNkk Thubelihle (uMaZungu) babe sematheni nje, bebesa- nda kushada ngomhla ka-06 ku- Nhlangulana (June). Umshado wabo waba sematheni njengoba wawuhanjelwe ngosa- ziwayo, okubalwa kubona nabaculi bakamaskandi.

ILANGA livakashele lo mndeni lapho likhulume khona noNdwandwe, olilandise ngokwenze isimo sabo sahamba saze sagcwala ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngahamba ngiyosebenza, ngabuya umama engekho ekhaya (emzini wabo). Kuthe uma ngishaya ucingo ngifonela ekhaya, ngathola ukuthi akekho. Yikhona lokhu okwenze ngaya ezinkundleni zokuxhumana. Empeleni yilapho ekwaze ukuvela khona, nakuba eqhamuke esengisho ngenhlamba,” esho.

ILANGA libuza ngempilo yabo ngaphambi komshado, uNdwandwe uvumile ukuthi wamshada emazi umkakhe ukuthi “unamaphutha”, kodwa uthi waba nethemba lokuthi njengomuntu, angakwazi ukushintsha.

“Kuyiqiniso, ngimthathe ngimazi ukuthi ubuye abe buthaka uma kuziwa ngakwabesilisa, kodwa ngenxa yothando nganginethemba lokuthi sizokwazi ukwakha umuzi. Ngike ngambamba nendoda engiyaziyo, kodwa ngenxa yothando, ngakwazi ukudlulisa. Ngelinye ilanga ngamkhuza ebhizi ecifelana iso nomunye umfana, nami ngikhona, ngamazisa ukuthi le nto yakhe angiyithandanga.”

ILANGA likhuluma noNkk Zungu, uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukulungisa izinto ngokuthi imindeni ihlale phansi, ibonisane.

“Bekumele ubaba aqale ngokwenza okufanele. Ube nephutha ngokuhambisa izindaba zethu emphakathini,” esho.

Indaba yalaba ishiye abantu bengawuvali umlomo, kwazise owesifazane uzwakale ekhala “ngendlala” njengembangela yokuthi ayoganga ngaphandle. Uphinde wasola umyeni wakhe ngokuthi unezilwane, okuyinto uNdwandwe ayiphikile. Kwi-video esabalale ngempelasonto ezinkundleni zokuxhumana kukhona la uNdwandwe ezwakala ekhala “ngensimu ayilimayo”, ukuthi ingaphezu kwakhe.

Eziphendulela uMaZungu, uthe usekhathele wukunukiselwa ngezinqe, okwenze abaningi bawubona njengento engekho lo mshado ongakaqedi ngisho izinyanga ezintathu. NgokukaNdwandwe, isinqumo ngekusasa labo sizocaca maduze. Uthi uyazi ukuthi njengoba ayithela ngenyongo nje inkosikazi, ingeyedlozi, ngakho akulula ukuba enze umathanda, nakuba elimele enhliziyweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...