Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 URingo uzobonga indondo ngekhonsathi kwiTouTube

URingo uzobonga indondo ngekhonsathi kwiTouTube

by | 10 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UZOJABULA nabalandeli bakhe ngedili lomculo azolenza kwiYoutube, ngoLwesine  uRingo Madlingozi (osesithombeni) emuva kokuba ngesonto eledlule ehlonishwe  ngabeSouth African Music Awards, ngeLifetime Achievement Award. Uhlonishwe ngenxa lakhe emculweni nasekukhuliseni abanye abaculi abangemuva kwakhe. 

URingo usenama-albhamu awu-15, kunengqwaba yabaculi asebenze nayo. Umculo wakhe kawuthakaselwa nje eNingizimu Afrika kuphela, uyathandwa nakwamanye amazwe. 

“Lokhu ngikwenzela abalandeli bami nomndeni wami. Ngingajabula kakhulu uma bengaba khona sizobonga le ndondo,” esho. 

URingo – osanda kumemezela ukuthi useshiyile kwi-EFF,  abeyilungu layo ephalamende – waziwa ngezingoma okubalwa kuzo iSondela, Into Yami, Ngiyagodola, Vuka, Baleka, ne-Eyakho.

nonhlakaniphos@ila-nganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...