Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 URingo uzobonga indondo ngekhonsathi kwiTouTube

URingo uzobonga indondo ngekhonsathi kwiTouTube

by | 10 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UZOJABULA nabalandeli bakhe ngedili lomculo azolenza kwiYoutube, ngoLwesine  uRingo Madlingozi (osesithombeni) emuva kokuba ngesonto eledlule ehlonishwe  ngabeSouth African Music Awards, ngeLifetime Achievement Award. Uhlonishwe ngenxa lakhe emculweni nasekukhuliseni abanye abaculi abangemuva kwakhe. 

URingo usenama-albhamu awu-15, kunengqwaba yabaculi asebenze nayo. Umculo wakhe kawuthakaselwa nje eNingizimu Afrika kuphela, uyathandwa nakwamanye amazwe. 

“Lokhu ngikwenzela abalandeli bami nomndeni wami. Ngingajabula kakhulu uma bengaba khona sizobonga le ndondo,” esho. 

URingo – osanda kumemezela ukuthi useshiyile kwi-EFF,  abeyilungu layo ephalamende – waziwa ngezingoma okubalwa kuzo iSondela, Into Yami, Ngiyagodola, Vuka, Baleka, ne-Eyakho.

nonhlakaniphos@ila-nganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...