Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uyaqhubeka nokunyelwa inyoni esandleni uThuso Mbedu

Uyaqhubeka nokunyelwa inyoni esandleni uThuso Mbedu

by | 22 May 2025

ZIYAQHUBEKA nokumhambela kahle izinto umlingisi waseNingizimu Afrika osezinze phesheya kwezilwandle uThuso Mbedu osanda kuthola indawo ephambili emdlalweni iTask.

UThuso odabuka eMgungundlovu uzolingisa kulo mdlalo nozakwabo oke waqokwa emcimbini wokuklomelisa we-Oscar yMark Ruffalo.

Kulindeleke ukuthi lo mdlalo uqale ukukhonjiswa ngoSeptemba nonyaka lapho ezodlala khona indawo kaSergeant Aleah Clinton.

Lo mdlalo oneziqephu eziyisikhombisa uzokhonjiswa esiteshini se-internent esingaphansikweMultichoice iShowmax.

Usungulwe wabhalwa nguBrad Ingelsby owaziwa ngomdlalo iMare Of Easttown.

Lo mdlalo okuzobonakala kuwona uThuso ugabe ngabanye abalingisi asebezakhele igama emhlabeni okubalwa kubo uTom Pelphrey, Emilia Jones, Raúl Castillo, Jamie McShane, Sam Keeley, Fabien Frankel no-Alison Oliver.

Uqale ukuzakhela igama phesheya kwezilwandle ngemuva kokuthola indawo emdlalweni osuselwa encwadini kaColson Whitehead iThe Underground Railroad.

Uke wabonakala nakwifilimu yodumo iWoman King lapho ayelingisa khona nenkakha yomlingisi uViola Davis nabanye okubalwa kubo uLashana Lynch, Jayme Lawson John Boyega,Jordan Bolger nabanye.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...