Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 URiveiro uthi iPirates izobuya iphila eGibhithe

URiveiro uthi iPirates izobuya iphila eGibhithe

by | 24 April 2025

UTHUMELA umyalezo kulabo ababona i-Orlando Pirates isiphumile emqhudelwaneni weCaf Champions League umqeqeshi wale kilabhu, uJose Riveiro (okwesobunxele).

IBucs izobhekana nePyramids yase-Egypt emlenzeni wesibili weSemi-final yeChampions League kusasa ngoLwesihlanu ngo-20h00, eJune 30 Air Defence Stadium, eCairo.

IBucs iya kulo mdlalo nje, ibambane nale kilabhu ngo-0-0 emlenzeni wokuqala obuseOrlando Stadium, eSoweto ngeledlule.

Kayinikwa lutho njengoba iya emlenzeni wesibili kwazise ithwale kanzima kule kilabhu ekubeni ibidlalela ekhaya.

Ngaphandle kwalokho, umqeqeshi wePyramids, uKrunoslav Jurcic (okwesokudla), usongele kanzima iBucs njengoba eshaya ngonyawo phansi ethi ngeke idabule kwezakhe ekhaya.

Ukhale ngamagoli amabili ezakhe aphikwe yiVAR, wathi bekufanele abalwe. Uthe kulokhu kuzophela amahlathi okucasha kwiBucs. Nabanye abathandi bebhola kabayiniki lutho iBucs kulo mdlalo.

URiveiro uthi nakuba benganikwa lutho kulo mdlalo, kodwa yena akuvumi aphonse ithawula ngoba bangawaphendula amatafula.

“Ngokwami, kasenzanga kabi emdlalweni wethu owedlule ngoba igoli esizolishaya ekuhambeni lizobalwa kabili.

“Yebo sibhekene nomdlalo onzima e-Egypt, okufanele silwe ngawo wonke amandla uma sifuna ukudlulela kowamanqamu. Ngiyaqonda ukuthi abantu abasiniki lutho, kodwa umyalezo engiwuthumela kubona ngothi yibhola leli, lizokumangaza.

“Lo mdlalo usavulelekile, abantu bazobhema bakholwe,” kusho uRiveiro

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...