Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Usefunelwa amanye amacala “UMjinja”

Usefunelwa amanye amacala “UMjinja”

by | 10 April 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu asewuqinisile umkhankaso wokuthungatha uLinda Hlongwa osesolwa ngamanye amacala athinta ukubulawa kwentombi yakhe eneminyaka ewu-22 ubudala nonina wayo onewu-52 ubudala.

Ngokusho kwamaphoyisa laba babulawa ngomhla ka-18 kuMarch 2025 besekhaya labo emgwaqweni Income eNazaretha ePinetown.

UHlongwa owaziwa ngelikaMjinja noma Putin izithombe zakhe zasatshalaliswa ngoSeptember nyakenye efunwa ngamaphoyisa ngamanye amacala.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa anxusa umphakathi ukuba usize uma unolwazi lokuthi angatholakala kuphi uMjinja/ Putin ukuze asheshe anqandwe kulobu bugebengu asolwa ngabo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uveze ukuthi uHlongwa waboshwa ngomhla ka20 kuJuly 2020 ngemuva kokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe wabe esededelwa ngenhloso yokuthi amaphoyisa aqhubeke nophenyo kanti kusukela ubeselokhu ewabalekela amaphoyisa njengoba aze akhishelwa nencwadi egunyaza ukuba aboshwe.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi axhumane namaphoyisa njengoba efunelwa uxhaxha lwamacala ahlukene.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...