
AMAPHOYISA aKwaZulu asewuqinisile umkhankaso wokuthungatha uLinda Hlongwa osesolwa ngamanye amacala athinta ukubulawa kwentombi yakhe eneminyaka ewu-22 ubudala nonina wayo onewu-52 ubudala.
Ngokusho kwamaphoyisa laba babulawa ngomhla ka-18 kuMarch 2025 besekhaya labo emgwaqweni Income eNazaretha ePinetown.
UHlongwa owaziwa ngelikaMjinja noma Putin izithombe zakhe zasatshalaliswa ngoSeptember nyakenye efunwa ngamaphoyisa ngamanye amacala.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa anxusa umphakathi ukuba usize uma unolwazi lokuthi angatholakala kuphi uMjinja/ Putin ukuze asheshe anqandwe kulobu bugebengu asolwa ngabo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uveze ukuthi uHlongwa waboshwa ngomhla ka20 kuJuly 2020 ngemuva kokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe wabe esededelwa ngenhloso yokuthi amaphoyisa aqhubeke nophenyo kanti kusukela ubeselokhu ewabalekela amaphoyisa njengoba aze akhishelwa nencwadi egunyaza ukuba aboshwe.
Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi axhumane namaphoyisa njengoba efunelwa uxhaxha lwamacala ahlukene.