AKAFUNI ukuzikhukhumeza ngezincomo azithola kumqeqeshi wakhe uSandile Mthethwa oyisitobha samaZulu FC, azovovana inkani neStellenbosch FC kwi-quarter final yeCarling Knockout Cup ngeSonto ngo-18h00 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.
UMthethwa – ongomunye wabadlali abalokhu beqhubekile nokwenza kahle oSuthwini – utshele abezindaba ukuthi nakuba kumjabulisa ukunconywa ngu-Arthur “10111” Zwane opheka uSuthu, kodwa ufisa ukuhlala ethobekile ngaphandle nangaphakathi enkundleni.
Uthi okubalulekile kuyena wukuqhubeka nokwenza kahle, alekelele ezakhe zigcine umgqigqo omuhle ezihamba ngawo selokhu kuqale isizini. Uncome nabadlali ayibamba nabo emuva ngobumbano, athi yikhona okwenza bale ukhasha, bangavuzisi amagoli. Kulaba badlali kukhona uRiaan Hanamub noNkosikhona Radebe.
“Sizokuya kulo mdlalo weStellies nomqondo owodwa, wokwenza kahle kwazise abalandeli baKwaZulu-Natal sebebheke thina. Sizolwa ngawo wonke amandla esinawo ukuthi singabaphoxi. Bonke abadlali abasekilabhini bayazi ukuthi yini okufanele siyenze kulo mdlalo. IStellenbosch yikilabhu enzima, okungeke kube lula ukuyiqumba phansi enkundleni yayo, nokho siyihlomele.”
UMthethwa yize engafunanga ukwanda kakhulu ngesimo akusona selokhu waqoma uSuthu, kodwa uthi uyohlale elibonga ithuba alinikwa yi-Orlando Pirates njengoba wanqoba izicoco kuyona. Uthi angajabula uma engayeka ibhola esenqobe isicoco kumaZulu FC.







