
OBEGCINWE ejele emva kwezinsolo zokuthi uphule imigomo ayebekelwe yona ngesikhathi ededelwa ngoshwele ejele, njengoba ebonakale esehola umbhikisho weMarch and March, uWandile Nsibande (36) usephuciwe ushwele.
UNsibande uboshwe ngasekuqaleni kukaMfumfu (October) nonyaka emva kombhikisho owaphetha ngokuba nodlame kwashiswa amabhilidi nezimoto eThekwini. Ungomunye wabebehamba phambili embhikishweni wagcina eboshwe noMnu Siphelele “MaGolide” Shinga noMnu Malizo Dzanibe. UShinga noDzanibe badedelwe kuqala ngebheyili ka-R1000 umuntu emunye, kwasala uNsibande ngoba sekuvele ukuthi ungaphandle ngoshwele ecaleni lokuthumba nokuzama ukubulala abelidonsela iminyaka engu-25.
Naye udedelwe kamuva ngebheyili ka-R1000 kodwa wangabe esaphuma ngoba bekumele ayovela ngaphambi kwebhodi likashwele njengoba kuthiwa uphule imigomo ayebekelwe yona.
Okhulumela umnyango wezoBulungiswa uMnu Singabakho Nxumalo uthe uNsibande uphuciwe ushwele usezoqhubeka nesigwebo sakhe seminyaka engu-25 njengoba ezoze adedelwe ngo-2034. Njengoba eseqhubeka nesigwebo kuthiwa ubhekene nelinye icala lokushaya okuthiwa ulenze evele esengaphandle ngoshwele.
Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo ngasekupheleni kukaMfumfu, kuvelile ukuthi unecala lokushaya owesifazane kodwa okuvele ukuthi isisulu silisulile kodwa belingasuswa emabhukwini asenkantolo.
Ibhodi likashwele limthole enecala lokuphula imigomo kashwele ngokuthi ahambe eShowe ayohlala eThekwini engawazisanga amaphoyisa nokuthi angayi kovela eMnyangweni wezoBulungiswa eShowe lapho bekumele ahlale ebika khona ukuthi usekhona.
Ngeledlule ummeli kaNsibande, uMnu Xolani Zuma ubethe lesi sinqumo uzosiphosela inselelo uma bembuyisela ejele.
tndlovu@ilanganews.co.za







