Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 ‘Welapha imiphefumulo’ ngencwadi yezindaba ezimfushane

‘Welapha imiphefumulo’ ngencwadi yezindaba ezimfushane

by | 4 December 2025

UNESIFISO sokuthi incwadi yakhe yenziwe ingxenye yezifundo ezikoleni zamazinga aphakeme incwadi yakhe uMNu Vusi Makhoba, anqobe ngayo indondo kumaSouth African Literary Awards (Sala).

Incwadi kaMakhoba, esihloko sithi “Mhlawumbe Ngale Kwethuna”, inqobe emunxeni weYouth Literature Award, kulo mcumbi obubanjelwe eRoodepoort Theatre and Museum, eGoli, emasontweni edlule.
UMakhoba waseThengani, eMaguzi, utshele Ilanga ukuthi uzizwa ethobekile ngokuthi umsebenzi uyabonakala ezingeni likazwelonke. Bekungokungoka-20 lama award aminyaka yonke eba khona.

“Ukuhlomula kwami le ndondo kusho lukhulu kimi ohambweni lwami njengombhali. AmaSala yiwona ma-award ababhali amakhulu nahlonishwa kakhulu lapha eNingizimu Afrika,” esho.

Uthe le ncwadi, edidiyele izindaba ezimfushane, ilungele ukufundwa ngabafundi basemazingeni aphakeme (high school) kanjalo nentsha nje jikelele ngoba ithinta izinselelo ebhekana nazo esikhathini sanamuhla.

“Siphila nabantu abanemiphefumulo elimele, ngenxa yezimo zempilo esibhekana nazo. Le ncwadi ididiyele izindaba ezinemongo ehlukene esingabala kuyo ezepolitiki, abantu abaphila nokukhubazeka, ukudlula ebunzimeni, njalo-njalo. Kuzona zonke lezi zindaba, kukhona into umuntu athi uma eyifunda elapheke emoyeni noma kube khona akutholayo kuzona.”

Uthi kunemisebenzi esebhodweni lakhe abalule kuyo incwadi yojahidada (preschoolers) neDrama. Uthi incwadi anqobe ngayo okwamanje isatholakala kuyena ngocingo (082 347 2621) nasenkampanini eyigayile iWothi Thothi Publishers. Uveze ukuthi usezihlelweni zokuth itholakale online, iphinde ifundeke nangobuchwepheshe bamaselula (e-books).

Okunye ngoMakhoba:

  • Ufundisa izibalo eThekwini TVET College
  • UngowaKwaMhlabuyalingana, ngaphansi kweNkosi uMabhudu Tembe
  • UneNational Diplom in Civil Engineering, iPostgrad Diplom in Administration
  • Wenza iMasters in Business Administration (MBA)

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...