Ilanga News
Home 9 Featured 9 Injabulo uphiko oluphenya amaphoyisa luthola uchatha

Injabulo uphiko oluphenya amaphoyisa luthola uchatha

by | 19 June 2025


UPHIKO oluphenya ukuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Unit (IPID), selwengezelwe isabelomali, ukuze kube lula ukwenza umsebenzi walo. Kukhalwe ngokuthi sincane isibalo sabaphenyi abangaphansi kwalolu phiko, yikho umsebenzi walo ubambezeleka.


Abalelwa ku-15 000 amacala angakaqedwa ukuphenywa ngenxa yokushoda kwabaphenyi. Sikhuluma ePhalamende likaZwelonke, isikhulu sakwa-IPID, uNkz Dikeledi Ntlatseng, sithe isibalo sabaphenyi, njengoba isabelomali sesenyusiwe, sizosuka ku-387 babe ngu-421 eminyakeni emithathu ezayo, njengoba lolu phiko lwengezelwe u-R126,3 million, eminyakeni emithathu ezayo.


“Izifundazwe ezinezibalo eziphezulu zamaphoyisa aphenywayo yiKwaZulu-Natal neGauteng. Sizokwandisa isibalo sabaphenyi, ngoba ukushoda kwemali, yikhona obekwenza umsebenzi ubambezeleke. Amacala ayanda, ekubeni isibalo sabaphenya amacala singandi,” esho.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...