Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Kugqugquzelwa amatshitshi asemalokishini ngeTshiwelele Festival

Kugqugquzelwa amatshitshi asemalokishini ngeTshiwelele Festival

by | 21 May 2026

KUHLOSWE ukugqugquzela amatshitshi aqhamuka emalokishini ngokuhamba uMkhosi woMhlanga nokuhlolwa kwezintombi ngeMatshiwelele Festival ezoba seCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibelo.

Omunye wabahleli baleFestival, uNkosikhona “Papa G” Gumede, uthe bakuqaphelile ukuthi izintombi eziningi zasemalokishini zikubona njengento yezintombi zasemakhaya ukuhamba umhlanga nokuhlolwa kwezintombi.

“NgeMatshiwelele Festival sithi akusukume zonke izintombi zikhuthalele usiko lokuhlolwa kwazo nokuhamba umhlanga. Akukhathalekile noma ngabe uqhamuka kuyiphi indawo futhi asifuni izintokazi ezisesilungwini zibone sengathi yinto yasemakhaya ukuhamba umhlanga,” kusho uPapa G.

Kule Festival eqala ngo-11 ekuseni kusasa kuboshelwe inqwaba yabaculi bakamaskandi okukhona kubona nezingqungqulu zabo. Kubona singabala uKhuzani, Igcokama Elisha, UGatsheni, Ntencane, Saliwa, Ndoni, Jaiva Zimnike, Ali Mgube, Skweletu, Shenge Wasehlalankosi, Mjabulisi, AmaYellowbone, Mjolisi, Nkeshemba, Maganga, Limit, Sminofu, Menzi, Umafikizolo nabanye abaningi.  Kuphinde kube ngabanye abaculi noDJ abangekho kumaskandi, okungoBabes Wodumo, Dankie Boy, Big Nuz, DJ Mngadi, Ayarkhay, DJ Kotin, Ayanda Ntanzi, Thandeka Radebe, Sizwe Mdlalose nabanye.

Amathikithi okungena kuwona asatholakala eTicketpro ngo-R150 no-R200 ajwayelekile bese kuba awezicukuthwane abiza u-R1000.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...