Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Kugqugquzelwa amatshitshi asemalokishini ngeTshiwelele Festival

Kugqugquzelwa amatshitshi asemalokishini ngeTshiwelele Festival

by | 21 May 2026

KUHLOSWE ukugqugquzela amatshitshi aqhamuka emalokishini ngokuhamba uMkhosi woMhlanga nokuhlolwa kwezintombi ngeMatshiwelele Festival ezoba seCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibelo.

Omunye wabahleli baleFestival, uNkosikhona “Papa G” Gumede, uthe bakuqaphelile ukuthi izintombi eziningi zasemalokishini zikubona njengento yezintombi zasemakhaya ukuhamba umhlanga nokuhlolwa kwezintombi.

“NgeMatshiwelele Festival sithi akusukume zonke izintombi zikhuthalele usiko lokuhlolwa kwazo nokuhamba umhlanga. Akukhathalekile noma ngabe uqhamuka kuyiphi indawo futhi asifuni izintokazi ezisesilungwini zibone sengathi yinto yasemakhaya ukuhamba umhlanga,” kusho uPapa G.

Kule Festival eqala ngo-11 ekuseni kusasa kuboshelwe inqwaba yabaculi bakamaskandi okukhona kubona nezingqungqulu zabo. Kubona singabala uKhuzani, Igcokama Elisha, UGatsheni, Ntencane, Saliwa, Ndoni, Jaiva Zimnike, Ali Mgube, Skweletu, Shenge Wasehlalankosi, Mjabulisi, AmaYellowbone, Mjolisi, Nkeshemba, Maganga, Limit, Sminofu, Menzi, Umafikizolo nabanye abaningi.  Kuphinde kube ngabanye abaculi noDJ abangekho kumaskandi, okungoBabes Wodumo, Dankie Boy, Big Nuz, DJ Mngadi, Ayarkhay, DJ Kotin, Ayanda Ntanzi, Thandeka Radebe, Sizwe Mdlalose nabanye.

Amathikithi okungena kuwona asatholakala eTicketpro ngo-R150 no-R200 ajwayelekile bese kuba awezicukuthwane abiza u-R1000.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...