Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UShalulile utakule iDowns kukubi eDR Congo

UShalulile utakule iDowns kukubi eDR Congo

by | 11 January 2025

UBE yiqhawe leMamelodi Sundowns uPeter Shalulile ezakhe zibuya sekuvalwe amehlo, zinqoba ngo-2-1 iManiema Union yaseDR Congo koweCaf Champions League namuhla ngoMgqibelo.

Ziye ekhefini amasandawana elandela ngemuva kokuba uKitambala Bola eshayele osokhaya igoli ngomzuzu ka-38.

UShalulile oqale umdlalo ebhentshini ungene ngomzuzu ka-78, walibhakuzisa enethini ngekhanda, ngomzuzu ka-83, kwaba wu-1-1.

Shalulile loyo futhi ofake ukushisa sekusele amanenjana umdlalo uphele, okuholele ekutheni ugwaze ekhaya Umkhonto ka-Exaucia Moanda sekusele umzuzu owodwa kwewu-6 ebiyengeziwe.

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...