Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Uyakhula umjaho kaProdigal Khumalo

Uyakhula umjaho kaProdigal Khumalo

by | 15 December 2024

UJABULE uProdigal Khumalo ngokundlondlobala komjaho wakhe, i-Orcas Challenge 15km, obuhlanganise ne-5km ngeSonto eBeachfront, eThekwini. Izingqwele kube nguBenjamin Nyongesa kwathi uJo Keppler wanqoba kwabesifazane

Lo mjaho obugubha unyaka wesibili kanti ubungenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-400

“Ngijabule ngendlela umjaho ohambe ngayo, besilindele abasubathi abawu-400, sakwazi ukubathola. Nyakenye bebewu-200. Lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi lo mjaho uyakhula.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi nangonyaka ozayo siyabuya. Isifiso sethu wukuba inamba esiyithole namuhla siyiphinde kabili. Okungijabulisa kakhulu wukuthi kulo nyaka sithole abaxhasi okuyiLink Africa, iSipho Projects, iPuma nabanye,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uqhube wathi kuzokuthi ngempelasonto yePhasika bebe ne-Orcas Ultra Marathon yebanga lika-50km no-25km. Uthi lo mjaho ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon.

“Seyivuliwe imingenelo yalo mjaho wethu wangonyaka ozayo. Siwuhlelele umndeni wonke. NgoMgqibelo owandulela umjaho sizokuba neTrail Run yebanga lika-5km no-10km ezokuba seBlue Lagoon,” kuphetha uKhumalo.

Abasubathi abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za kuthi abazogijima iTrail bangene kwethi: kzntrailrunning.co.za

Isiyonke imiphumela ye-Orcas Challenge kwabesilisa ihambe kanje:
1. Benjamin Nyongesa 47:06;
2. Letlatsa Nape 48:59;
3. Ncedisani Phungula 49:51
Kwabesifazane:
1. Jo Keppler 1:09:40;
2. Nolwethu Majiya 1:11:21
3. Amahle Mbhense 1:13:43.

INTATHELI: NGUMZWAMANDLA ZONDI

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...