UJABULE uProdigal Khumalo ngokundlondlobala komjaho wakhe, i-Orcas Challenge 15km, obuhlanganise ne-5km ngeSonto eBeachfront, eThekwini. Izingqwele kube nguBenjamin Nyongesa kwathi uJo Keppler wanqoba kwabesifazane
Lo mjaho obugubha unyaka wesibili kanti ubungenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-400
“Ngijabule ngendlela umjaho ohambe ngayo, besilindele abasubathi abawu-400, sakwazi ukubathola. Nyakenye bebewu-200. Lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi lo mjaho uyakhula.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi nangonyaka ozayo siyabuya. Isifiso sethu wukuba inamba esiyithole namuhla siyiphinde kabili. Okungijabulisa kakhulu wukuthi kulo nyaka sithole abaxhasi okuyiLink Africa, iSipho Projects, iPuma nabanye,” kusho uKhumalo.
UKhumalo uqhube wathi kuzokuthi ngempelasonto yePhasika bebe ne-Orcas Ultra Marathon yebanga lika-50km no-25km. Uthi lo mjaho ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon.
“Seyivuliwe imingenelo yalo mjaho wethu wangonyaka ozayo. Siwuhlelele umndeni wonke. NgoMgqibelo owandulela umjaho sizokuba neTrail Run yebanga lika-5km no-10km ezokuba seBlue Lagoon,” kuphetha uKhumalo.
Abasubathi abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za kuthi abazogijima iTrail bangene kwethi: kzntrailrunning.co.za
Isiyonke imiphumela ye-Orcas Challenge kwabesilisa ihambe kanje:
1. Benjamin Nyongesa 47:06;
2. Letlatsa Nape 48:59;
3. Ncedisani Phungula 49:51
Kwabesifazane:
1. Jo Keppler 1:09:40;
2. Nolwethu Majiya 1:11:21
3. Amahle Mbhense 1:13:43.
INTATHELI: NGUMZWAMANDLA ZONDI