Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UShembe nezinhlelo zokugubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni

UShembe nezinhlelo zokugubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni

by | 26 February 2025

UGUBHE iminyaka ewu-20 esemkhakheni wamahlaya, ngedili lomcimbi wesidlo sakusihlwa obuhanjelwengabekhethelo eRadisson Blu Hotel, eMhlanga ngo-Mgqibelo usomahlaya waKwaZulu-Natal uSimphiwe Shembe othathwa njengomunye wabaqala lo mkhakha eThekwini.

UShembe, owazakhela udumo ngesikhathi kusadumeamahlaya abizwa nge-99% Zulu Comedy owabe uxhaswe ILANGA, ubonge leli phephandaba ngokudlala indima emqoka ekumkhuliseni nasekuthuthukiseni ithalente aseziphilisa ngalo futhi asekwazile nokukhiqiza (ngalo)nabanye osomahlaya ngemicimbi yakhe asezihlelela yona.


Kulo mcimbi uShembe uphinde wabonga nabanye abakwazile ukumeseka okubalwa Unomsakazo Ukhozi, omasipala abehlukene, uhulumeni waKwaZulu-Natal nezinkampani ezizimele. UShembe uveze ukuthi njengengxenye yokugubha, uhlela ukwenza imicimbi ewu-20 kusukela kulona wangoMgqibelo ne-minye kuze kuphele unyaka.


Uthi owangomhla ka-24 kuMandulo (September) yiwona azimisele ukuthi ube mkhulu njengoba uzokwenzelwa ngaphansi kwezintaba zoKhahlamba futhi ufuna udonse izinkumbi zabantu. Uthi ngaphandle kwemicimbi, uzimisele nokunikela kubantu abawu-20 000 abaswele ngezindlela
ezahlukene okubalwa ukunikela ngezimpahla zokugqoka nangokudla.
UShembe oseke wakhipha izincwadi, uqhube wathi usezinhlelweni zokukhipha enye ezoba neqhaza elimqoka ukuvula abantu abasha imiqondo.

“Sesiqalile futhi nokwenza incwadi, yopopayi nayo ezosebenza ukuhluza ingqondo odado ukuze bathi befinyelela eminyakeni eyishumi sebenendlelayokucabanga nokubheka impilo.
“Uma lezi zincwadi zisabalala ngendlela ezindaweni ezifanele, nakanjani singaqeda
ngalaba bantu esibabiza ngamaphara,” kusho lo somahlaya.
Uthe okunye okusezinhlelweni zakhe wumdlalo kamabonakude wamahlaya asebeqophe iziqephu ezine zawo.


“Esiphezu kwakho manje wukuxoxisana neziteshi zikamabonakude ukuze sikwazi ukuwufaka khona, abantu bazibonele ithalente esinalo eKZN,” esho.
Phakathi kwezicukuthwane ebezikhonaemcimbini wangoMgqibelo kubalwa uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nezemiDlalo KwaZulu-Natal uMnu Mntomuhle Khawula, uDkt Dumisani Goba onikele ngo-R200 000 kuSimphiwe Shembe ngenhloso yokufezekisa ezinye zezinhlelo anazo, uMnu Mlamuli Nxele, uMnu Sipho Nzuza oke waba imenenja kaMasipala weTheku, uThandeka Dawn King, uLuyanda Zwane, uJacinta Ngobese-Zuma, ozakwabo kaShembe kowamahlaya okubalwa uChurchboy, uNonto

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...