Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 ‘Ushiyiswe yimali ebingamgculisi kwiPirates’

‘Ushiyiswe yimali ebingamgculisi kwiPirates’

by | 15 June 2025

NGUTHABISO Monyane obedlala emuva kwiPirates.



‘UHANJISWE yinkece ebingamugculisi’ abeyinikwa yi-Orlando Pirates uThabo Monyane (25) osanda kwehlukanisa nale kilabhu emuva kokuhlala iminyaka ewu-13 kuyona.


IBucs yethuse abathandi bebhola imemezela ukuthi ligqabukile ifindo lomshado phakathi kwayo nalesi sitobha.
UMonyane ukhulele enkulisa yeBucs njengoba efike emncane kwaze kwaba unyuselwa esikimini esikhulu.

Lo mdlali, nomunye uzakwabo odlala emuva, uPaseka Mako, naye osanda kudedelwa yiBucs, bakonjwa kwiKaizer Chiefs.
Bobabili laba badlali bakhonjwa kwiKaizer Chiefs.


Leli phephandaba lithole ukuthi abapathi bakaMonyane babe nezingxoxo nePirates, kwangavuyelwana.


“IBucs ibambe izingxoxo nomphathi wakhe, yakubeka efuna ukumnika kona kodwa yena washo okukhulu. Utsheliwe ukuthi ngeke ikwazi ukumunika leyo mali angamane ahambe.

“Okwenze kwalula ukuthi imdedele wukuthi ulimala njalo, futhi ahlale isikhathi eside ngaphandle. Nakuba kube buhlungu nakuyena ukushiya ikilabhu akhulele kuyona, kodwa ujabule ngoba usenayo ikilabhu kwazise kuthiwa usesayine neChiefs,” kusho umthombo waleli phephandaba.


Imizamo yokuthola uSteven Kapeluschnik, okuthiwa nguyena ophethe izindaba zalo mdlali, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubambi.


Lo mdlali uthe: ”Njengoba sengivala isahluko empilweni yami, imizwa yami ihlukene phakathi. Kubuhlungu njengoba ngihamba kwazise leli yilona khaya ebengilazi. Ngakolunye uhlangothi, ngijabule njengoba ngiyoqala uhambo olusha.

<Ukujoyina isikhungo esinjengePirates ngineminyaka ewu-12 njengoba sengina-25, yinto enkulu kabi leyo. Ngikhulile manje njengomdlali futhi njengomuntu.”

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...