Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Siyanda isibalo sabantu abamosha impilo yabo ngokugembula kumaselula

Siyanda isibalo sabantu abamosha impilo yabo ngokugembula kumaselula

by | 24 October 2025

UMNYANGO wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usola ukungalawulwa ngendlela kwezikhangiso zezinkampani zokugembula ngokwanda ngesivinini ‘kwamaphanta’ eNingizimu Afrika, ikakhulukazi lawa agembula online.

Lokhu kuza ngemuva kokuba inhlangano elawula ezokugembula kuleli, iNational Gambling Board (NGB), iveze ukuthi abantu bakuleli bachithe imali elinganiselwa ku-R1.5 trillion ngokugembula kunyakamali ka-2024/25, okuyinani elenyuke ngo-R400 billion uma kuqhathaniswa nonyanga ongaphambili.

Le nhlangano iveze lokhu ngesikhathi yethula umbiko wayo ePhalamende. Ithi senyukile nesibalo sabantu abayithintayo, befuna usizo ngoba sebemoshe impilo yabo, ngenxa yokucwila ekugembuleni.

Kuleli sonto kuvele ukuthi inkinga yokugembula ibhilite ngisho nakwizitshudeni, njengoba kuthiwa ezinye zisebenzisa nemali yoxhaso lweNSFAS, okuthi uma sezidliwe ziphathwe wukhwantalala. Kuthiwa abanye abantu basebenzisa ngisho imali yesibonelelo sakwaSassa ukuzama ngayo inhlanhla.

Umnyango uthi ukwentuleka kwemisebenzi nokusinda kwezindleko zokuphila, kanjalo nokukhangiswa ngokweqile kokugembula ngomakhalekhukhwini ngesinye sezizathu ezibhebhethekisa inkinga yokugembula ezweni. Kule minyaka embalwa edlule, bezibonakala zanda izinkampani zokugembula online kuleli, ezinye zize zixhase ezemidlalo namakilabhu. Ngisho iligi enkulu kanobhutshuzwayo wakuleli ixhaswe ngenye yazo.

UDkt Evelyn Masotja, oyiDeputy Director-General for Regulations emnyangweni, uthe kufanele kuqiniswe imigomo elawula ezokugembula, ikakhulu ezokukhangisa ngoba zifinyelela cishe kubona bonke abantu emiphakathini.

“Kumele sikugqamise ukuthi ukugembula yimboni esemthethweni futhi esebenza ngokulawulwa yimithetho. Yingakho kubalulekile ukuthi iqiniswe leyo mithetho,” esho.

Nasembikweni wayo iNGB, kuvelile ukuthi ukukhangisa kunesandla kule nkinga yokugembula.

Ngokombiko wayo, ukugembula ngamaselula sekuyikhona okuhamba phambili eNingizimu Afrika, njengoba sinciphe kakhulu isibalo sabantu abahambela amaCasino.

NgoJulayi walo nyaka, uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu Parks Tau, waveza ukuthi izinkampani eziwu-90 zokugembula online, zibhaliswe emazweni angaphandle, zisebenza kuleli ngokungemthetho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...