Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 USimphiwe Dana uzogubha iminyaka ewu-20 esemculweni eThekwini

USimphiwe Dana uzogubha iminyaka ewu-20 esemculweni eThekwini

by | 12 June 2025

BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo kaSimphiwe Dana ozobe eseThe Playhouse, eThekwini kule mpelasonto eqeda iminyaka ewu-20 ekulendima yezomculo. Le ntokazi ithi izobe qhulula amanoni amasha namadala ngoMgqibelo mhla ka 14 June.

Ubiza ukukwazi ukwenza umculo isikhathi eside kanje njengento etshengisa impumelelo futhi okumele ibungazwe. Lo mculi waziwa kakhulu ngezingoma okungabalwa kuzo ethi Ndiredi, Mayine, Bantu Biko Street, Zandisile, Ndim’ Nawe nezinye. Exoxa ngomculo wakhe uthi: Ngangazi ukuthi ngifumbethe okwehlukile kulo mkhakha, ngangazi ukuthi ngibukeka ngendlela ehlukile, ngizwakala ngendlela eyahlukile futhi nezingoma engangifuna ukuzicula zazehlukile,” esho.


“Kwakuyindlela yokutshela abantu ukuthi ngivuleleni indlela, khona okuzayo okwehlukile kepha uma ngibuka emuva ngangixoxa indaba ukuthi kubaluleke kangakanani ukuzimela uzazi ngoba umhlaba uyohlezi ukutshela ukuthi kumele ube yinto eyehlukile,” esho. USimphiwe uzoba eshiyelana inkundla nabaculi abawu 13 kulamakhonsathi akhe amabili okungeyaseThekwini naseKapa. tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...