Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isexwayiso kumadoda alala nezingane ezincane

Isexwayiso kumadoda alala nezingane ezincane

by | 27 December 2024

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu Natal uNkk Nomagugu Simelane Mngadi usexwayise amadoda amadala alala aphinde anukubeze izingane ezincane ngokocansi ukuba ziwuyeke lo mkhuba.

Ngokubika kweTimesLive ungqongqoshe ukhuluma kanje kulandela ukuthi amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-18 ubudala ebelethe ngosuku lukaKhisimusi.

Uveze ukuthi obaba bezingane zala mantombazane ziphakathi kweminyaka u-19 no-23 ubudala.

UNkk Simelane Mngadi uthe nakuba kuyinjabulo ukwamukela umphefumulo emhlabeni kodwa isaqhubeka nokumkhathaza eyokukhulelwa kwamantombazane amancane.

Uthe okumkhathaza kakhulu wukuthi ukukhulelwa kwentombazane esencane kuphazamisa indlela yokukhula kwayo njengoba kusuke sekuphoqeleka ukuthi ikhule ngokushesha yokuthe sekumele inakekele umphefumulo ewulethe emhlabeni.

Uqhube ngokuthi ngaphandle kokuthi kuphazamisa ukukhula kwentombazane kodwa kuphinde kubeke nempilo yezingane engcupheni.

“Lokhu akuvemelekile kanti njengomphakathi kumele siqale sisilwe lesi sihlava,” kusho ungqongqoshe.

KwaZulu Natal ziwu-47 izingane ezizalwe ngoKhisimusi njengoba ezamantombazane zibe wu-26 kwathi ezabafana zaba wu-21.

UNkk Simelane Mngadi uthe akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela ukulwa nalesi sihlava kodwa umphakathi kumele uhlangane ulwe naso.

Unxuse ukubambisana kwabazali nohulumeni ukuthi bazibike izigameko zamadoda amadalala alala nezingane ezincane. Unxuse abazali ukuba bakhulume nezingane zabo zamantombazane ngokuqwashisa nokuxwayisa ngocansi.

“Siyazi ukuthi isihloko socansi asilula kodwa kuyaphoqa ukuthi sikhulume nezingane zethu ngoba kuyacaca ukuthi ulwazi ngocansi ziluthola kwenye indawo bese zibhekana nezimo zokukhulelwa nokuthola izifo,” esho enxusa nokuthi nezingane zabafana zingasali ngaphandle njengoba nazo kumele kukhulunywe nazo ngocansi oluphephile.

Uxwayise amadoda ukuba ayeke ukuxhaphaza izingane ezincane ngokuziheha ngenhloso yokulala nazo .

Ukubeke kwacaca ukuthi kuyicala ukulala nengane engaphansi kweminyaka futhi umthetho kumele uthathe indawo yawo kulawo madoda kwazise kuwukudlwengula lokhu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...