UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu Natal uNkk Nomagugu Simelane Mngadi usexwayise amadoda amadala alala aphinde anukubeze izingane ezincane ngokocansi ukuba ziwuyeke lo mkhuba.
Ngokubika kweTimesLive ungqongqoshe ukhuluma kanje kulandela ukuthi amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-18 ubudala ebelethe ngosuku lukaKhisimusi.
Uveze ukuthi obaba bezingane zala mantombazane ziphakathi kweminyaka u-19 no-23 ubudala.
UNkk Simelane Mngadi uthe nakuba kuyinjabulo ukwamukela umphefumulo emhlabeni kodwa isaqhubeka nokumkhathaza eyokukhulelwa kwamantombazane amancane.
Uthe okumkhathaza kakhulu wukuthi ukukhulelwa kwentombazane esencane kuphazamisa indlela yokukhula kwayo njengoba kusuke sekuphoqeleka ukuthi ikhule ngokushesha yokuthe sekumele inakekele umphefumulo ewulethe emhlabeni.
Uqhube ngokuthi ngaphandle kokuthi kuphazamisa ukukhula kwentombazane kodwa kuphinde kubeke nempilo yezingane engcupheni.
“Lokhu akuvemelekile kanti njengomphakathi kumele siqale sisilwe lesi sihlava,” kusho ungqongqoshe.
KwaZulu Natal ziwu-47 izingane ezizalwe ngoKhisimusi njengoba ezamantombazane zibe wu-26 kwathi ezabafana zaba wu-21.
UNkk Simelane Mngadi uthe akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela ukulwa nalesi sihlava kodwa umphakathi kumele uhlangane ulwe naso.
Unxuse ukubambisana kwabazali nohulumeni ukuthi bazibike izigameko zamadoda amadalala alala nezingane ezincane. Unxuse abazali ukuba bakhulume nezingane zabo zamantombazane ngokuqwashisa nokuxwayisa ngocansi.
“Siyazi ukuthi isihloko socansi asilula kodwa kuyaphoqa ukuthi sikhulume nezingane zethu ngoba kuyacaca ukuthi ulwazi ngocansi ziluthola kwenye indawo bese zibhekana nezimo zokukhulelwa nokuthola izifo,” esho enxusa nokuthi nezingane zabafana zingasali ngaphandle njengoba nazo kumele kukhulunywe nazo ngocansi oluphephile.
Uxwayise amadoda ukuba ayeke ukuxhaphaza izingane ezincane ngokuziheha ngenhloso yokulala nazo .
Ukubeke kwacaca ukuthi kuyicala ukulala nengane engaphansi kweminyaka futhi umthetho kumele uthathe indawo yawo kulawo madoda kwazise kuwukudlwengula lokhu.