Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Usinde ngokulambisa edutshulwa ‘ngamaphoyisa emfanisa’

Usinde ngokulambisa edutshulwa ‘ngamaphoyisa emfanisa’

by | 25 March 2025

NGAMALUNGU omphakathi waseNtuzuma, abesesiteshini sakhona samaphoyisa, ehambise uhlu lwezikhalo kulandela ukudutshulwa kwelinye lamalungu awo, lifaniswa nesigebengu.

WETHUKA izanya owesilisa oyilungu lenhlangano elwisana nobugebengu emphakathini, iNeighbourhood Watch, okuthiwa usinde ngokulambisa edutshulwa ngamaphoyisa ngoba emfanisa nomuntu obefunelwa amacala okukhokhisa ngenkani osomabhizinisi imali.

UMnu Mfanelo Ngcobo, uthi uhlalele ovalweni futhi wesabela impilo yakhe kulandela lesi sigameko esenzeke ngeledlule.

Emuva kokwenzeka kwaso, ngoMgqibelo ingxenye yamalungu omphakathi wakule ndawo, ihlanganile, yanikela esiteshini samaphoyisa eNtuzuma ngoba ifuna incazelo ngokuhlaselwa kwaleli lungu leNeighbourhood Watch.

ILANGA liyibonile i-video yamalungu omphakathi emi phambi kwesiteshi, ekhononda emaphoyiseni ngokuhlaselwa kukaNgcobo. Kule video kubonakala amalungu omphakathi eveza ukuthi ukuba khona kwakhe emphakathini kuwusizo njengoba elwisana nobugebengu ngokubambisana nozakwabo abaqapha le ndawo.

Ekhuluma naleli phephandaba uNgcobo, uthi ngosuku ahlaselwe ngalo ngamaphoyisa, ubehamba endaweni yakwaBester, ephakathi kwaKwaMashu neNanda, wabe eseqaphela ukuthi kuneveni yamaphoyisa aseNtuzuma ebilokhu imlandela.

Uthi kuthe uma eqhubeka ehamba, yabe isigijima izomvimbezela, iphoyisa ebeliphakathi ladonsa isibhamu ladubula libhekise kuyena.

“Lithe uma lidubula, ngabaleka ngoba bengingaqondi ukuthi lingidubulelani. Lehlile evenini langijaha. Ngibaleke ngaze ngafika komunye wozakwethu esigada naye emphakathini, ngamtshela okungehlele.

“Ungitshele ukuthi ake afika nakuyena lawa maphoyisa, kukhona amfunayo. Ngenxa yokuthi uyalazi elinye lawo, ube eselishayela ucingo, ebuza ukuthi kwenzekeni.

“Kungaleso sikhathi lapho amtshele khona ukuthi abemfanisa nomunye umuntu ofunelwa amacala okukhokhisa osomabhizinisi imali. Ngizamile ukuthi ngiyo-vula icala kwesinye seziteshi eThekwini ngoba ngisaba ukuya eNtuzuma, kwazise ngawakhona amaphoyisa abengifanisa. Ngitshelwe ukuthi ngeke ngikwazi ukulivula kulesi siteshi, kodwa kumele ngiye eNtuzuma” kuphetha uNgcobo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukuthi akhona amalungu omphakathi afikile ngoMgqibelo esiteshini samaphoyisa aseNtuzuma, ehambise uhlu lwezikha

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...