Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UMseleku uyazihlangula kwabamfanisa noJonas

UMseleku uyazihlangula kwabamfanisa noJonas

by | 20 June 2026

UYAZIHLANGULA kwabamfanisa noJonas womdlalo iThe Polygamist edlala kwiNetflix, uMusa Mseleku wodumo lohlelo lukamabonakude Uthando Nesthembu.

Lo mdlalo onedumela, uqale ukukhonjiswa ngoLwesihlanu olwedlule. Kusukela uqalile ukukhonjiswa, abantu kabawuvali umlomo ngendawo kaJonas Gomora edlalwa nguSdumo Mtshali ongowesilisa ongadlulwa siketi kulo mdlalo.

Abantu balokhu bebabaze njalo ngezimanga zikaJonas kulo mdlalo, abanye baqoke ukumfanisa noMseleleku onamakhosikazi amane nengoduso eyodwa.

Abanye bababele ezinkundleni zokuxhumana zamakhosikazi kaMseleku, okwenze amanye ayivikela indoda yawo ngokufaniswa noJonas. Omunye wamakhosikazi kaMseleku uNokukhanya MaYeni, umchithile ofanise umyeni wakhe noJonas.

“Musani nje ukufanisa uJonas noMseleku, kungcono ngoba uyanibona njengoba nimfanisa,” kusho uMaYeni.

Ngakolunye uhlangothi inkosikazi endala kaMseleku, uBusisiwe MaCele yona ithole ukutinyelwa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvikela uJonas, ichaza ukuthi abekwenza, ubekwenziswa wukuthi ubefuna ukuthula enhliziyweni.

Ekhuluma enkundleni yokuxhumana uMaCele ubethi ukhipha isiyalo ngokuthi obekwenziwa uJonas, ubekwenza ngoba efuna ukuthula enhliziyweni ngoba ubengakutholi ekhaya.

Le nkulumo kaMaCele imakhele isigcwagcwa, njengoba abanye bemsolile ngale nkulumo, abanye balibeka ngembaba elokuthi uyabheda, uswele into azoyikhuluma.

“Musani nje ukufanisa uJonas noMseleku, kungcono ngoba uyanibona njengoba nimfanisa,” kusho uMaYeni.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMseleku, uthe akazi lutho ngalomdlalo, futhi akukho azokuphawula ngabantu abalingisayo ngoba eyakhe impilo ayiwona umdlalo.”

Uthe kuyena isithembu kasiwona umdlalo kamabonakude, kodwa siyimpilo ayiphilayo nsukuzonke.

Ucacisa ngokuthi uma uthatha isithembu kawuhambi ulala nanoma yimuphi owesifazane ohlangana naye, kodwa umuntu uyamhlola ukuthi ukulungele yini ukuzoba yingxenye yokukhulisa igceke, bese uyamthatha uyamsondeza uma usugculisekile.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...