Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 USjava ukhuthaza ukufundwa kwezinye izilimi

USjava ukhuthaza ukufundwa kwezinye izilimi

by | 1 March 2026


IKHUTHAZA ukufundwa kwezinye izilimi zaseNingizimu Afrika noku-hlanganyela kwezizwe zakuleli, inta-ndokazi yomculi wakuleli uSjava, (osesithombeni), owenze okwehlu-kile ezingomeni ezikwi-albhamu ayethule ngeledlule, esihloko sithi, Inkanyezi Nezinkanyezi.


USjava uveze ukuthi isuselwa kuleyo ayiqophe bukhoma phambi kwezethameli ngonyaka owedlule. Ngonyaka owedlule uSjava bekungokokuqala eqopha ngale ndlela.
Kulena ayethule ngeledlule, uphi-nde waqopha izingoma ezifanayo, kodwa waziqophela e-studio, esepike nabanye abaculi kuyona.


Echaza ngale albhamu ayikhiphe kulo nyaka, uthe ubone kumqoka ukuba aphinde anike abalandeli bakhe okwehlukile kunalokhu okujwayelekile.
“Ngesikhathi ngiqopha bukhoma, ngiyazi kukhona ababengawuqondi umbono wami, futhi ngangikulindele lokho. Yingakho ngibone kufanele ukuba ngibenzele le albhamu nge-ndlela ejwayelekile, kodwa sengipi-ke abanye abaculi,” esho.
USjava uthe okumqoka ngayo wukuthi upike abaculi abehlukene okubalwa kubona uNkosazana Daughter, uMsaki, uSiya Ntuli nabanye.


Uthe okunye wukuthi kunezingoma ezinezinhlamvu zezinye izilimi, okuyinto athi uyibone imqoka kakhulu emculweni wakhe.
“Ngiyazi ukuthi izingoma zami eziningi ngizicula ngesiZulu, kodwa lokhu akusho ukuthi abathandi
bomculo wami ngamaZulu kuphela. Yonke indawo lapho sifika khona, kunabantu abawuthandayo umculo wami.
“Yingakho ngibone kungcono ukuthi nami ngikhombise ukuthi ngiya-sondela kubona ngokuthi ngizifu-ndise izilimi zabo ngokuthi ngizifake izinhlamvu zezilimi zabo,” echaza.


Uthi kunengoma ayiculayo yokubi-ngelela, esebenzisa izilimi ezahlukene, kanti ikhona futhi nenye asebe-nzisa izinhlamvu seziTsonga, nezi-nye izilimi.
Uthe ukuzifundisa izilimi namasi-ko ezinye izizwe kukhombisa ukuthi nawe uyabahlonipha, futhi basondelene nawe. Uthe abantu baseNingi-zimu Afrika bakhombisile ukuwu-thanda umculo wakhe kuzona zonke izinkalo nalapho singakhulunywa khona isiZulu.


Uthe yingakho njengoba ezoqala imizungezo yakhe yeminyaka eyishumi esemculweni, ezogudla zonke izinkalo ezikhona eNingizimu Afrika.
“Sizoya koMpumalanga nakoCape Town, nakwamanye amadolobha esingakaze siye kuwona,” esho.
USjava ungomunye wabaculi abathandwayo eNingizimu Afrika, njengoba eseke wahlabana nge-nqwaba yezindondo, waphinde wahlomula nangendondo yapheshe-ya kwezilwandle, yeBET.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...