
KULINDELEKE ukuthi sikhule sifinyelele ku-45 000 isibalo sabantu abazohambela iHollywoodbets Durban July yalo nyaka eGreyville Racecourse eThekwini.
Lokhu kuvezwe uStephen Marshall oyisikhulu sakwaGold Circle ebhekelela ukuhlela lo mcimbi omkhulu wezamahhashi, imfashini nobumnandi njengoba ngonyaka owedlule babalelwa ku-40 000 abakwazi ukuwuhambela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi koku bhebhetheka kwegciwane iCovid19 lo mcimbi ubuvamise ukuba nesasasa njengoba bebebalelwa ku-50 000 abantu abebewuhambela nangaphezulu.
UMarshall udalule ukuthi kulo nyaka amatende ezicukuthwane azoba u-22 nokuyisibalo esehlile uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule.
UMarshall uthe okubajabulisa ngomcimbi walo nyaka wukuthi kula matende ezicukuthwane awu-6 asegcwele.
Uveze ukuthi balindele osaziwayo nezikhulu eziqhamuka emikhakheni eyahlukene ukuba babe yingxenye yalo mcimbi okubhekwe ukuthi uqhubeke nokuheha amaphanta, abathandi bemfashini nobumnandi.
Khona manjalo bamenyezelwe abasiki bengqephu abasakhula abayishumi abazothola ithuba eliyingqayizivele lokukhangisa emcimbini walo nyaka weHollywoodbets Durabn July.
Laba basiki bengqephu bamenyezele emcimbini wangoMgqibelo wamahhashi obizwa ngeHollywoodbets Gold Challenge obuseGreyville Racecourse.
Amajaji abehlunga kubasiki bengqephu abaqhamuka ezikhungweni zemfundo ephakeme ezahlukene abawu-25 abebegaqele ukudlulela esigabeni esilandelayo sokukhangisa emcimbini omkhulu.
Okhulumela i-Hollywoodbets Foundation uVuyisile Ngobese uncome izikhungo zemfundo ephakeme ezingenelile ngabafundi bazo njengoba eveze ukuthi benze umsebenzi oncomekayo.
Amajaji alo mcimbi athwale kanzima njengoba uhlelo lokufinyelela kwabayishumi luqale ngabangenelile abawu-130 njengoba kugcine kwehlela ku-25 ngaphambi kokuthi kumenyezelwe abayishumi ngoMgqibelo.
UVuyisile uthi laba basiki bengqephu bakwazile ukuhambisa nengqikithi yalo nyaka yalo mcimbi ngengqephu yabo njengoba ithi Marvels of Mzansi.
“Bazinike isikhathi behlanganisa ingqephu ngendwangu nangokuqhamuka nobuchule obuhlukile kodwa obuhambisana nayo ingqikithi ethi Marvels of Mzansi,” esho.
Nalu uhlu lwabasiki bengqephu abazokhangisa emcimbini walo mnyaka.
Sinekamva Xali (Umgungundlovu TVET College)
Mpilo Sithole (Durban University of Technology)
Nothile Mkhungo (Esayidi Fashion School)
Andile Cele (Umgungundlovu TVET College)
Neliswa Gcwabaza (Umgungundlovu TVET College)
Manqoba Mnguni (Igoda Incubator)
Buhle Sicwebue (Lindiwe Khuzwayo Academy of Fashion)
Irene Price (Esayidi Fashion School)
Queenton Mjweni (Durban University of Techonology)
Khethokuhle Thango (Igoda Incubator)







