Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Usomabhizinisi noKhisimusi womama KwaMashu

Usomabhizinisi noKhisimusi womama KwaMashu

by | 18 December 2024

LUCKY CAIN

USHESHE wafika uKhisimusi komama basesigcemeni sakwa-E KwaMashu ngesikhathi usomabhizinisi ebajabulisa ngegilosa nezibiliboco zokudla.

UNks Thandi Dlamini onebhizinisi lezithelo nezitshalo iThandi’s Fresh Produce ujabulise umama abangomakhelwane bangakubo ngokusheshe abafikele noKhisimusi ehlanganyele nabanye ozakwabo ebhizinisini.

Ubehlele umcimbi ngeledlule lokubajabulisa abaphe igilosa futhi wabaphekela nezibiliboco ehlanganyele nabanye ozakwabo ebhizinisini.

Ekhuluma neLANGA ngesihawu sakhe uthe akuyona into ayiqala njengoba sekuyisikhathi sikaKhisimusi njengoba yinto ayenza izikhawu ezahlukene.

“Ukubuyisela emphakathini yinto engiyenzayo angilindi isikhathi sikaKhisimusi kuphela,” kusho yena.

Uthe ukhethe ukuhlanganisa omama bendawo ukuzobajabulisa ngenhloso yokubanikeza uthando ngalesi sikhathi sonyaka.

Unxuse nabanye osomabhizinisi ukuba babuyisele emphakathini njengoba kuyisihe ukwenza lokhu. Uqhakambise ukubambisana kosomabhizinisi njengenye yezinto ezimqoka.

Ibhizinisi likaThandi lisebenzisana nezitolo ezinkulu, izikole nalabo abanamabhizinisi okupheka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...