Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Usomabhizinisi noKhisimusi womama KwaMashu

Usomabhizinisi noKhisimusi womama KwaMashu

by | 18 December 2024

LUCKY CAIN

USHESHE wafika uKhisimusi komama basesigcemeni sakwa-E KwaMashu ngesikhathi usomabhizinisi ebajabulisa ngegilosa nezibiliboco zokudla.

UNks Thandi Dlamini onebhizinisi lezithelo nezitshalo iThandi’s Fresh Produce ujabulise umama abangomakhelwane bangakubo ngokusheshe abafikele noKhisimusi ehlanganyele nabanye ozakwabo ebhizinisini.

Ubehlele umcimbi ngeledlule lokubajabulisa abaphe igilosa futhi wabaphekela nezibiliboco ehlanganyele nabanye ozakwabo ebhizinisini.

Ekhuluma neLANGA ngesihawu sakhe uthe akuyona into ayiqala njengoba sekuyisikhathi sikaKhisimusi njengoba yinto ayenza izikhawu ezahlukene.

“Ukubuyisela emphakathini yinto engiyenzayo angilindi isikhathi sikaKhisimusi kuphela,” kusho yena.

Uthe ukhethe ukuhlanganisa omama bendawo ukuzobajabulisa ngenhloso yokubanikeza uthando ngalesi sikhathi sonyaka.

Unxuse nabanye osomabhizinisi ukuba babuyisele emphakathini njengoba kuyisihe ukwenza lokhu. Uqhakambise ukubambisana kosomabhizinisi njengenye yezinto ezimqoka.

Ibhizinisi likaThandi lisebenzisana nezitolo ezinkulu, izikole nalabo abanamabhizinisi okupheka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...