Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 USuthu lungase lugadle ngezinduku ezintsha kowe-Arrows

USuthu lungase lugadle ngezinduku ezintsha kowe-Arrows

by | 3 January 2025

KUVELA ezimnandi ekhempini yamaZulu FC ngabadlali abasanda kuwajoyina uBongani “Ben 10” Zungu noSandile Mthethwa. Kuthiwa laba badlali bakulungele ukubhekana nomkhaya iLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kuthiwa sekusele kubaqeqeshi ukuthi bayababophela yini esikimini. U-Arthur Zwane ongomunye wabaqeqeshi boSuthu, uthi okumqoka kubona njengoba beya kulo mdlalo womkhaya ngamaphuzu amathathu, kwazise basekhaya.

“Siyabazi lapho benamandla khona nalapho bebuthaka khona. Kufanele sibulale lokhu abanamandla kukhona bese sisebenza ngalokhu abangenawo amandla kukhona,” kusho uZwane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...