Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 USuthu lungase lugadle ngezinduku ezintsha kowe-Arrows

USuthu lungase lugadle ngezinduku ezintsha kowe-Arrows

by | 3 January 2025

KUVELA ezimnandi ekhempini yamaZulu FC ngabadlali abasanda kuwajoyina uBongani “Ben 10” Zungu noSandile Mthethwa. Kuthiwa laba badlali bakulungele ukubhekana nomkhaya iLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kuthiwa sekusele kubaqeqeshi ukuthi bayababophela yini esikimini. U-Arthur Zwane ongomunye wabaqeqeshi boSuthu, uthi okumqoka kubona njengoba beya kulo mdlalo womkhaya ngamaphuzu amathathu, kwazise basekhaya.

“Siyabazi lapho benamandla khona nalapho bebuthaka khona. Kufanele sibulale lokhu abanamandla kukhona bese sisebenza ngalokhu abangenawo amandla kukhona,” kusho uZwane.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...