Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Abaholi bakuleli mabagxile ekuxazululeni izinkinga zethu, bakhohlwe yiMelika

Abaholi bakuleli mabagxile ekuxazululeni izinkinga zethu, bakhohlwe yiMelika

by | 3 December 2025

ISIMEMEZELO sikaMengameli waseMelika uMnu Donald Trump, sokuthi iNingizimu Afrika ngeke ivunyelwe ukubamba iqhaza engqungqutheleni yamazwe awu-20, aneminotho emikhulu emhlabeni, ezoba seMiami, eMelika ngonyaka ozayo, kufanele sisifundise ukuthi leli kufanele ligxile ekuqiniseni ubudlelwano namanye amazwe, likhohlwe yiMelika okwamanje.

UTrump ngeledlule wathi iNingizimu Afrika inemithetho ebandlulula abelungu, futhi inohlelo lokushabalalisa isizwe samaBhunu, ithathe umhlaba wawo. Noma leli linayo imithetho eyenzelela abampisholo emisebenzini nakweminye imikhakha yempilo, ukubafukula njengoba babebandlululwa ngabamhlophe ngesikhathi sobandlululo, kodwa kuyilumbo okushiwo nguTrump, ukuthi leli zwe linezinhlelo zokushabalalisa isizwe samaBhunu.

Noma amagidangoma kaTrump ekuphika ukuthi unensila yobandlululo, kodwa kuya kuvela ukuthi akabafuni nokubabona abantu abamnyama, akakholelwa ekutheni ikhona into esile abakwazi ukuyenza ngempumelelo. INingizimu Afrika ibuye yazifaka isigcwagcwa kuTrump, ngokumangalela izwe lakwa-Israel, elingabangani abakhulu beMelika, kwi-International Court of Justice (ICJ), yathi ihlose ukushabalalisa isizwe samaPalestina, eGaza.

Kubukeka sengathi uTrump ucabanga ukuthi izwe lethu eliholwa ngabantu abampisholo, ngabe liwunombolo bani, ukuthi lingagxambukela ezindabeni zamazwe angaphezu kwalo, ayizikhondlakhondla emhlabeni. Kubukeka sengathi uTrump uhlose “ukusibeka endaweni yethu”, njengezwe labantu abansundu elingelutho, futhi ngokubona kwakhe, okungafanele libe nezwi ezindabeni zamazwe amakhulu.

Ngeke sayinqoba le mpi yethu noTrump, ngakho sekuyisikhathi sokuthi sibheke engxenye, siqinise ubudlelwano bethu namazwe ase-Europe, kanye nawase-Asia, okubalwa iJapan, iChina, iSouth Korea, i-Indonesia namanye. Njengoba uTrump esazolawula eMelika eminye iminyaka emithathu, kuze kube wuMasingana (January) ka-2029, kufanele iNingizimu Afrika isebenzise lesi sikhathi ukwakha, futhi iqinise ubudlelwano bezohwebo nala mazwekazi namazwe esiwabale ngenhla.

EMelika khona, kufanele siqhubeke, sixhumane namalungu ephalamende lakhona elaziwa ngeleCongress, ukulungiselela isikhathi lapho sekuphele ihlandla lesibili lokuphatha kukaTrump. Isifundo okufanele sisicoshe ngokonakala kobudlelwano bethu neMelika, wukuthi kuyosisiza njengezwe ukuthi uhulumeni ophethe, ugxile ekwenzeni ngcono impilo yabantu bakuleli, nokubamba iqhaza ekuxazululeni izinkinga zezwekazi lethu i-Afrika, upheze ukuthanda ukuzigaxa ezindabeni ezikude nathi, zakwamanye amazwe.

Kumele siyekele abantu bakulawo mazwekazi, bazixazululele izinkinga zabo, thina sibheke okwethu, sizichobele izintwala zethu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...