IGagasi FM lichitha eyokushiya kukaFelix Hlophe

105

THANDI ZONDI 

ZIYAQINA izinsolo zokushiya kukaFelix Hlophe (osesithombeni), owethula uhlelo lwasekuseni, iThe Uprising noMinnie Ntuli, kusukela ngoMsombuluko kuyakoLwesihlanu kwiGagasi FM. Lokhu kufakazelwe wumthombo weLANGA osondelene nalaba ongashayi eceleni, (ocele ukuba siwugodle) oveze ukuthi lo msakazi ufake incwadi yokwesula isigubhukane kulo msakazo ngoLwesihlanu olwedlule ngoba kukhona angeneme ngakho. 

Kuvela lezi zindaba nje, ngalo uLwesihlanu walushiya phakathi uhlelo lwabo uFelix, lwaqedelwa nguMinnie.  Nakuba kunjalo, kuthiwa iziphathimandla zomsakazo zisazama ukumncenga ukuba ayihoxise incwadi yokwesula ngoba kazikabi naye omunye umsakazi osezingeni lakhe, ongavala isikhala sakhe. 

Umthombo uveza ukuthi sekuke kwanezikhawu eziningana zokuxabana kukaFelix nozakwabo uMinnie emsebenzini. Lo mthombo uchaza uFelix njengomuntu ongundlovukayiphikiswa, okungasebenzeki kahle naye. Bobabili laba basakazi kabazange bazwakale kuleli sonto ohlelweni lwabo lwasekuseni. Nakuba bengazwakali emoyeni, okuqaphelekayo wukuthi kaba-nyamalele ezinkundleni zokuxhumana.  

UFelix ubhale ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana ngoLwesihlanu olwedlule, wathi: “Kunesikhathi esifikayo endodeni lapho kusuke sekudingeka khona ushi-ntsho, sekuyiso kimina. Yisikhathi sekhasi elisha kuFelix Hlophe. Ngiyabonga ngokungeseka kwenu,” kusho umbhalo. 

ILANGA lizamile ukuxhumana noFelix, ucingo lwakhe belungena kwi-voicemail.

Lishayele uMinnie ukuzwa kwabanzi ngalezi zinsolo nokungabikhona kwabo emoyeni, uvele wahleka wathi: “Ngiyawezwa amahemuhemu athi kukhona okushaya amanzi, kodwa sisekhefini. “Sicele ukunikwa ikhefu njengoba kuza amaholide kaZibandlela (December), nomcimbi weGagasi iBeach Fest ususedu-ze. Besidinga ukukhokha umoya kancane ngoba ikhefu siyoze silithole ngoJanuary, kanti sesitubekile.” 

Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu uyichithile eyokuthi uFelix uyashiya, uthe laba basakazi kabayi ndawo, basekhefini lesikhashana, bazobuyela emoyeni ngoMsombuluko. tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleAbaxhasi nenselelo emakilabhini ePSL
Next articleSizolalelwa kule nyanga isicelo somnyango ngama-laptop eziboshwa