Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhalwa ngobukhosi bakwaMakhanya ngokungenzi lutho ngoMax Makhanya

Kukhalwa ngobukhosi bakwaMakhanya ngokungenzi lutho ngoMax Makhanya

by | 1 April 2025

AMAKHOSI, abaNtwana baseNdlukulu kaZulu, nabadididyeli bamabutho, bakhuze ibhadi ngokwedelelwa kweSilo uMisuzulu kaZwelthini, njengoba kusabalale ezinkundleni zokuxhumana umlisa ozibiza ngoMax Makhanya, oshiya angalazi kuyona iMbube.

Namuhla ngoLwesibili bekubizwe isithangami sebezindaba eMhlanga, eThekwini, lapho lezi zinhlaka zobuholi bomdabu, bezikhuza khona lo mhlola.


Basole kakhulu ubukhosi besizwe sakwaMakhanya, KwaSobonakhona, eMbumbulu, ukuthi buzithela ngabandayo, abukusukumeli ukwehliswa kweSilo isithunzi, ngumuntu ongaphansi kwabo.

INkosi uKhethukuthula kaBhekizitha Makhanya, ohola lesi sizwe ubengekho esithangamini nasemhlanganweni oyinguyazana oqale wabakhona ekuseni, kodwa bekukhona UMnu Mbongeni Makhanya, ongundunankulu walesi sizwe.


Abaholi bomdabu abebekhona bebebhodla umlilo, bethi iSilo sesedelelwe kakhulu, futhi kayikaze yenzeka into enjenga ebukhosini bukaZulu.

“Sisukume ngoba njengamakhosi singabavikeli besihlalo sobukhosi. Uma kuzoba khona umuntu ozogcwaneka kwiSilo sethu ezinkundleni zokuxhumana, yinto engeke yamukeleka leyo,” kusho iNkosi yesizwe saKwaNgenetsheni, eVryheid, uMntwana uLanga kaBhukumuzi Zulu.

Uma egcona iSilo uMax Makhanya, uthi ukhuluma egameni “lebutho lakwaMakhanya nabantu abamthumile”.

UNdunankulu wesizwe sakwaMakhanya, ucele abezindaba ukuthi bakhishwe ngesikhathi sekukhuluma yena.

“INkosi (uMakhanya) ingidonse ngendlebe yathi lolu daba ngingalukhulumi nabezindaba,” esho.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...