Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhalwa ngobukhosi bakwaMakhanya ngokungenzi lutho ngoMax Makhanya

Kukhalwa ngobukhosi bakwaMakhanya ngokungenzi lutho ngoMax Makhanya

by | 1 April 2025

AMAKHOSI, abaNtwana baseNdlukulu kaZulu, nabadididyeli bamabutho, bakhuze ibhadi ngokwedelelwa kweSilo uMisuzulu kaZwelthini, njengoba kusabalale ezinkundleni zokuxhumana umlisa ozibiza ngoMax Makhanya, oshiya angalazi kuyona iMbube.

Namuhla ngoLwesibili bekubizwe isithangami sebezindaba eMhlanga, eThekwini, lapho lezi zinhlaka zobuholi bomdabu, bezikhuza khona lo mhlola.


Basole kakhulu ubukhosi besizwe sakwaMakhanya, KwaSobonakhona, eMbumbulu, ukuthi buzithela ngabandayo, abukusukumeli ukwehliswa kweSilo isithunzi, ngumuntu ongaphansi kwabo.

INkosi uKhethukuthula kaBhekizitha Makhanya, ohola lesi sizwe ubengekho esithangamini nasemhlanganweni oyinguyazana oqale wabakhona ekuseni, kodwa bekukhona UMnu Mbongeni Makhanya, ongundunankulu walesi sizwe.


Abaholi bomdabu abebekhona bebebhodla umlilo, bethi iSilo sesedelelwe kakhulu, futhi kayikaze yenzeka into enjenga ebukhosini bukaZulu.

“Sisukume ngoba njengamakhosi singabavikeli besihlalo sobukhosi. Uma kuzoba khona umuntu ozogcwaneka kwiSilo sethu ezinkundleni zokuxhumana, yinto engeke yamukeleka leyo,” kusho iNkosi yesizwe saKwaNgenetsheni, eVryheid, uMntwana uLanga kaBhukumuzi Zulu.

Uma egcona iSilo uMax Makhanya, uthi ukhuluma egameni “lebutho lakwaMakhanya nabantu abamthumile”.

UNdunankulu wesizwe sakwaMakhanya, ucele abezindaba ukuthi bakhishwe ngesikhathi sekukhuluma yena.

“INkosi (uMakhanya) ingidonse ngendlebe yathi lolu daba ngingalukhulumi nabezindaba,” esho.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...