
UKHALA ezimathonsi owesifazane (41) wasoLwandle, eMandawe, ngaseScottburgh, othi uselala esigangeni nezingane zakhe ngemuva kokukhishwa ngesidlozana emzini wakhe, athi kwenziwe yinduna yendawo, ikhala ngokuthi akabekwanga ngokusemthethweni.
UNkz Thokozani Cele uthi useneminyaka ewu-8 ehlala emzini wakhe eMandawe, athi wabekwa kuwona ngokusemthethweni. ILANGA linayo ikhophi yencwadi ayivezile ukuthi wabekwa kule ndawo ngokusemthethweni.
Ukhala ngenduna yendawo uMnu Tsepo Matlapeng, athi ifike kwakhe ngeSonto ihamba nonogada, yamkhipha ngendluzula emzini wakhe, yamdalakaca esigangeni nezingane zakhe ezine. Uthe okubuhlungu wukuthi usetholile ukuthi induna iwudayisele abanye abantu umuzi wakhe.
“Ngabekwa kule ndawo ngo-2018, kusaphethe inkosi endala eseyakhothama. Kule ndawo engabekwa kuyona, kwakunendlu yomxhaso eyayisicekeleke phansi ngoba kwakungasahlali muntu. Ngafike ngayilungisa, ngase ngihlala kuyona nezingane zami, ngaqhubeka ngakha. Ngimangalile ngeSonto sengikhishwa emzini wami, kuthiwa umnikazi wawo ongowokudabuka eMozambique, usebuyile.
“Ngibatshelile ukuthi angikwazi ukushiya umuzi, kodwa bangikhipha ngesidlozana, balayisha nezimpahla zami, bangilahla esigangeni. Kumanje umuzi wami usele wodwa, ugadwa ngonogada ubusuku nemini. Mina nezingane zami sesizwelwa ngomakhelwane abasigezisayo, basiphe nokudla ukuze izingane ziye esikoleni,” kusho uNkz Cele.
Kuthintwa induna uMatlapeng, ithe kuyiqiniso ukuthi lona wesifazane ukhishiwe emzini wakhe, futhi unayo incwadi ekhomba ukuthi uyisakhamuzi sendawo.
“Akulona iqiniso ukuthi ukhishwe kulo muzi ngoba sekubuye umuntu wokufika, ongumnikazi wawo umuzi. Lona ongowokufika akhuluma ngaye ongowaseMozabique, ubehlala nonina wezingane zakhe ongowalapha eNingizimu Afrika kulo muzi. Nawo umuzi wawubiza lona wesifazane ekuqaleni.
“Udaba lukaNkz Cele selunesikhathi lukhulunywa enkantolo yenkosi, ngenxa yokuthi akakhulumanga iqiniso ngesikhathi ebekwa kulo muzi, waze wanikwa nobunikazi bawo. Manje sekubuye umnikazi womuzi ofike wathi usebuyile, ucela ukungena emzini wakhe. Noma engakangeni, kodwa uzobuya ngoba usaphindele ngakubo.
“Nawo lo muzi kwakungowakwaMkhabela osashona, kodwa ubusungowamadodakazi kaMkhabela, awudayisela owesifazane obehlala nalo mlisa waseMozambique,” kusho induna.
Iveze ukuthi ikhona indawo abayinike uNkz Cele ukuba ahlale okwesikhashana kuyona, kodwa uyinqabile. UNkz Cele uthe kungamampunge konke okushiwo yinduna, ngoba lona wesifazane akhuluma ngaye ukuthi wadayiselwa umuzi, waxoxa naye, wakuveza ukuthi yena usaziphindelela kubo ngoba abazwananga nomlisa waseMozambique.
Nendawo athi umnike yona akulona iqiniso ngoba ubezoyomshiya kuyona ukube umnikile, kodwa umdalakaxe esigangeni nezingane. UMnu Zakhele Nyuswa ongunobhala weNkosi uMthokozisi Cele, uthe bazisiwe ngodaba lukaNkz Thokozani Cele, lusasetshenzwa.
Ngokusho kwakhe, uNkz Cele wanikwa enye indawo, wahlinzekwa nangamaveni azomyisa kuyo. Uthe inkosi isazimisele ukuba ahlinzekwe ngendawo yokuhlala efana nalena ebangwayo kuze kuphothulwe udaba. Uthe unelungelo lokufaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo senduna, futhi angaluyisa nasenkantolo yemantshi udaba.
Emva kwalesi sitatimende, uNyuswa uthumele nencwadi athe isayinwe yiNkosi uCele ngoLwesibili. Kule ncwadi iNkosi uCele ithi icela uNkz Cele ayokhosela endaweni anikwe yona yesikhashana ngoba kunecala elivuliwe ngenxa yombango wendawo abehlala kuyona.
Ithi uma sekudlule icala, izophinde ibhekwe indaba yakhe ngokobukhosi. Okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu kwaZulu-Natal, uMnu Senzelwe Mzila, uthe basazoluphenya lolu daba.







