
KULINDELEKE ukuba agwetshwe ngesonto elizayo owesilisa olahlwe yicala lokubulala ngesihluku indodakazi yakhe ngemuva kokuthola ukuthi isiyajola, futhi seyike yalivakashela isoka layo izikhathi eziningi.
UBongani Mthembu (41) waseNhlanzini Reserve, KwaMbonambi, eMpangeni, ubevele phambi kweNkantolo eNkulu yaseMthunzini, neledlule lapho evume icala lokubulala indodakazi yakhe, uNkz Silindokuhle Mthembu (17), elenzeka ngomhla ka-22 kuMasingana (January) 2025.
Evuma icala, uthe weqiwa yintukuthelo ngemuva kokuthola ukuthi indodakazi yakhe isiyajola. Utshele inkantolo ukuthi kwathi uma ikuphika lokhu, waziphenyela, wathola iqiniso.
“Ngalunywa indlebe ngumakhelwane wami, engazisa ukuthi indodakazi yami inobudlelwano nomfana uMzwandi, engingamazi isibongo sakhe. Le nto yangicasula kakhulu. Ngayibuza indodakazi ngalobu budlelwano, yaphika. Ngathatha ifoni yayo ngayipequlula, ngathola ukuthi nebala inobudlelwano nalo mfana. Ngayikhuza, ngayicela ukuba imyeke, igxile emsebenzini wesikole njengoba ibingenzi kahle ezifundweni.
“Savumelana ngalokho, yathembisa ukuthi izomyeka. Ngemuva kwesikhathi ngiphinde ngacela ukuba ingivulele ifoni yayo, ngathola ukuthi isaqhubeka nokuthandana nalo mfana. Lokho kwangicasula kakhulu, ngaze ngayitshela ukuba ingaphinde iphathe ifoni esikoleni,” esho.
Uthi okwamcasula kakhulu wukubona imiyalezo eyayisefonini yendodakazi yakhe, eyayiveza ukuthi seyike yavakashela isoka layo izikhawu.
“Ngemuva kokuba ngiphinde ngabheka ifoni yayo, ngathola ukuthi isathandana nalo mfana futhi bekukhona nezingxoxo ebeziphakathi kwayo indodakazi nabangani bayo bexoxa ngothando lwayo nalo mfana. Kulezi zingxoxo bekuvela nokuthi indodakazi isike yavakashela lo mfana endlini yakhe izikhathi eziningi. Lokhu bekuvela enkulumweni ebiphakathi kwayo nabangani bayo.
“Uthando lwabo bese luqede unyaka wonke. Lokhu kwangicasula kakhulu, ngahamba ngayolanda imvubu, ngayishaya umzimba wonke, yaze wadabuka esiphongweni, sopha kakhulu. Ngayishaya ngaze ngayiphendula imvubu, ngayishaya ngesidunu sayo imizuzu ethi mayibe yisihlanu.
“Sengibona ukuthi iyopha kakhulu, ngayisula igazi. Kungalesi sikhathi lapho ngaqaphela khona ukuthi kayisaphefumuli, yawela ezandleni zami, kwaba yima ngibona ukuthi ngiyibulele indodakazi yami. Sengibona ukuthi ngiyibulele, ngazama ukuphuza umuthi ngenhloso yokuzibulala. Lokhu kwenza ngalaliswa esibhedlela eNgwelezane amasonto amabili.”
Ngemuva kokuvuma icala inkantolo, ibe isihlela ukuba agwetshwe phakathi nale nyanga. U-Adv Thobile Nsele utshele ijaji ukuthi ngosuku lokugwetshwa kukaMthembu, uzocela ukufunda izitatimende zabo bonke abathintekile ngesenzo sikhe.
Unina kamufi uNkz Nombulelo Mchunu, ubekhona enkantolo ngesikhathi kuqhubeka icala. Okuqaphelekile wukuthi kabazange bakhulume noMthembu.







