Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphelile ukuqagela ngoNdlozi ePhalamende

Kuphelile ukuqagela ngoNdlozi ePhalamende

by | 9 January 2025

IQEMBU lezepoitiki i-EFF seliphumele obala ngoDkt Mbuyiseni Ndlozi obesekunesikhathi kunemibuzo ngekusasa lakhe kuleli qembu.

Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu liveze ukuthi uNdlozi akasabuyeli ePhalamende kulandela ukuzisulela kwakhe ngaphandle kokuphoqwa.

Leli qembu liveze ukuthi lithole izincwadi ezimbili zokusula kwamalungu alo abelimele ePhalamende likazwelonke naseSishayamthetho sase-Eastern Cape.

Liveze ukuthi lithole izincwadi kaNdlozi nekaYazini Tetyana abazithumele ehhovisi likaNobhala Jikelele.

Isitatimende siqhuba ngokuthi la malungu abonge leli qembu ngethuba lokulimela ePhalamende nokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.

I-EFF izamukelile lezi zincwadi laveza ukuthi la malungu asebenze ngokuzimisela nangokuthembeka ezinhlakeni abebejutshwe kuzona.

I-EFF ichaze la malungu njengayisibonele sokusebenza ngokuzikhandla.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...