Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphelile ukuqagela ngoNdlozi ePhalamende

Kuphelile ukuqagela ngoNdlozi ePhalamende

by | 9 January 2025

IQEMBU lezepoitiki i-EFF seliphumele obala ngoDkt Mbuyiseni Ndlozi obesekunesikhathi kunemibuzo ngekusasa lakhe kuleli qembu.

Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu liveze ukuthi uNdlozi akasabuyeli ePhalamende kulandela ukuzisulela kwakhe ngaphandle kokuphoqwa.

Leli qembu liveze ukuthi lithole izincwadi ezimbili zokusula kwamalungu alo abelimele ePhalamende likazwelonke naseSishayamthetho sase-Eastern Cape.

Liveze ukuthi lithole izincwadi kaNdlozi nekaYazini Tetyana abazithumele ehhovisi likaNobhala Jikelele.

Isitatimende siqhuba ngokuthi la malungu abonge leli qembu ngethuba lokulimela ePhalamende nokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.

I-EFF izamukelile lezi zincwadi laveza ukuthi la malungu asebenze ngokuzimisela nangokuthembeka ezinhlakeni abebejutshwe kuzona.

I-EFF ichaze la malungu njengayisibonele sokusebenza ngokuzikhandla.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...